Ezintsha

ULebusa ugadle kwiPirates, ‘ayikho ezingeni leDowns’

Ukhuluma kanjena nje uMosa Lebusa iSundowns inqobe isicoco seDStv Premiership sesikhombisa kulandelana.

Njengoba iBhakabhaka liphinde laphuma endaweni yesibili isizini yesibili ilandelana, kube nezingxoxo zokuthi iPirates iyalivala igebe kumaBrazilians.

Nokho uMosa Lebusa yena akaboni kanjalo, ubona lingekho iqembu elingancintisana nabo kwiligi njengamanje. 

“Ngiqonde ukuthi, sesiside isikhathi bebelokhu bethi (iPirates izophonsela inselelo iSundowns), kodwa namanje kusabusa thina,” kusho uLebusa kwi-iDiski Times.

“Beneqembu elinabadlali abahle impela, futhi sisanda kubona okwenzeke muva nje (iPirates ishaya iSundowns kowamanqamu kwiNedbank Cup).

“Kodwa anginaso isiqiniseko sokuthi basezingeni elifanayo nelethu uma ubheka ubukhali ngokomqondo, nezifiso zethu, lokho esifuna ukukuzuza. 

“Kodwa sikulungele (ukuthi basifakele inselelo) noma yini abasilethela yona.

“Ngicabanga ukuthi asinaye esiqhudelana naye, sisebenzela ukuziphucula ukuze sibe ngcono kunangesizini edlule.”

Yize lezi zinkulumo zikaLebusa zizomsusela iziqandi, kodwa zinayo inhlese yeqiniso.

Seyiminingi iminyaka iPirates ithenga abadlali abahle, kodwa yehluleke ukumisa iSundowns esicocweni seligi.

Okwenza abalandeli bayo benganaki kakhulu wukuthi yenza kahle emidlalweni yezindebe futhi inakho ukuzinqoba. 

Sekuphele amasizini amabili inqoba eseMTN8 neseNedbank Cup kulandelana kodwa manje sekubhekwe ukuthi inqobe iligi. 

Nokho kulokhu kubhekwe ukuthi iPirates ikwazi ukuqeda ukuzenzela kweSundowns, iphinde yenze kahle nakwiCaf Champions League.