Seluhlehlile olokufika kukaNasreddine Nabi kwiChiefs
– Intatheli yeLisenethini
Sekuvele ukuthi umqeqeshi omusha obhekwe kwiKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi akasezukufika kuleli sonto njengoba bekulindelwe.
UNasreddine Nabi usekuqinisekisile ukuthi usazohlala kuze kuphele inyanga kwi-AS FAR Rabat yaseMorocco asebenza kuyo njengamanje.
Bekubhekwe ukuthi lo mqeqeshi idabuka eTunisia ashiye kuleli qembu, eze kwiChiefs kulo leli sonto.
Bekubikwe ukuthi umdlalo owandulela owamanqamu obungeSonto ebusuku bekuzoba ngowokugcina kuye kuleli qembu laseMorocco.
Kodwa njengoba enqobile, futhi nosuku lomdlalo wamanqamu eselwazi, usenqume ukuhlala aze adlale owamanqamu.
Uzobhekana neRaja Club Casablanca kowamanqamu weThrone Cup okubhekwe ukuthi ube ngomhla ka-30 kuNhlangulana.
IRaja iqeqeshwa uJosef Zinnbauer oke wacija i-Orlando Pirates kuleli ngaphambi kokushiya ngoba enezinkinga zomndeni ekhaya eGermany.
Ekhuluma kwabezindaba khona eMorocco ngeSonto ebusuku ngemuva kmomdlalo, uNasreddine Nabi uthe bekungewona umdlalo wakhe wokugcina.
“Akuwona umdlalo wami wokugcina. Umdlalo wamanqamu useza,” kusho lo mqeqeshi.
“Ngokusho kwabangani bami bakwiRaja, sebeyazi ukuthi umdlalo wamanqamu uzoba ngomhla ka-30 kuNhlangulana.
“Ngakho ke, ngisaqhubeka neqembu lami kuze kube wumdlalo wamanqamu.”
Cishe okwenza uNabi angajahi ukuza eNaturena wukuthi iphini lakhe alithembile, uFernando Da Cruz, selivele lifikile lona futhi seliwuqalile umsebenzi.
Nomqeqeshi wonozinti, u-Ilyes Mzoughi naye kubikwa ukuthi usethelekile eNaturena njengoba iqembu liqala amalungiselelo ngoMsombuluko.
UNabi yena cishe useyofika ekuqaleni kukaNtulikazi iqembu selizobhekisa amabombo eTurkey la lizokhempa khona.
OLUNYE UDABA: UPule Mmodi usebheke isiqalo esisha kwiChiefs
Lukhulu olubhekwe kulo mqeqeshi njengoba nabaphathi beChiefs bemvumele ukuthi azifikele nabantu bakhe azosebenzisana nabo.