Okwenza uMiddendorp angazenyezi ngokusebenza ‘ehlathini’
– Alfred Ngubane
U-Ernst Middendorp uthi akanayo nencane inkinga nokuqeqesha ‘ehlathini’ kwiMotsepe Foundation Championship.
Iqembu ebelicijwa u-Ernst Middendorp kwiDStv Premiership kule sizini, iCape Town Spurs, lidliwe yizembe.
Yize eke wadedelwa ngemuva kokuba leli qembu lidliwe yizembe futhi sekuqinisekisiwe ukuthi lizodlala ehlathini, ubuye wabuyiswa.
Ubevele u-Ernst Middendorp kade efike isizini seyiphakathi, kwangathi uzokwazi ukujika izinto kwi-Urban Warriors.
Kodwa kugcine kunhlanga zimuka nomoya, kwagcina kubhedile, yadliwa izembe.
“Mina anginayo inkinga nokuqeqesha kwiMotsepe Foundation Championship,” kusho lo mqeqeshi odabuka eGermany.
“Kodwa ngikubona kuyintshelelo entsha kumina ukuqeqesha kulesi sigaba esingenzansi kweseDStv Premiership.
“Angiphelelwe ngushatini ngokuqeqesha kulesi sigaba kodwa ngizoqhubeka nomsebenzi engiwuqalile ngabadlali abancane abasalambele ukudlala.
“Savumelana nosihlalo weCape Town Spurs (u-Ari Efstathiou) ngendlela yokusebenza nalaba badlali.
“Uyena u-Ari Efstathiou owangibuyisela eqenjini sengishiyile kulona, ngoba ebona engingakwenza ukukhulisa leli qembu.”
Khonamanjalo, uMiddendorp uzoba eqala kuleli ukuthi ahambe neqembu elidliwe yizembe ayoliqeqesha kChampionship.
Nokho kwelakubo eGermany ujwayele ukuqeqesha amaqembu asezigabeni eziphansi.
OLUNYE UDABA: Seluhlehlile olokufika kukaNasreddine Nabi kwiChiefs
Nangesikhathi eshiya kwiMoroka Swallows isigubhukane ngesizini edlule, wabe eseyosebenza eqenjini elisesigabeni esiphandi eGermany.