Inkakha ikhalela oyedwa wakuleli ebhentshini le-Chiefs
– Alfred Ngubane
ULifa Gqosha, oyinkakha yeKaizer Chiefs ubona kuyisidingo ukuthi kube khona oyedwa wakuleli ozosala ethimbeni labaqeqeshi baleli qembu bangesizini ezayo.
IKaizer Chiefs ithembise izinguquko ezinqala kubaqeqeshi kanti kuvela ukuthi lizoshintshwa lonke.
Umqeqeshi ozayo, uNasreddine Nabi, unikwe igunya lokufika nabantu bakhe abethembayo.
Ababili kubo – iphini lakhe uFernando Da Cruz, nomqeqeshi wonozinti u-Ilyes Mgouzhi – kubikwa ukuthi sebevele bafikile eNaturena.
UNabi yena ulindeleke ekupheleni kwenyanga njengoba esalinde ukudlala umdlalo wamanqamu ne-AS Far Rabat yaseMorocco asebenza kuyo njengamanje.
Kodwa uGqosha ukholwa wukuthi bekungaba kuhle kube khona osalayo wakuleli, waveza ukwethemba kwakhe uDavid Mathebula kulowo msebenzi.
“Njengoba kuzofika umqeqeshi omusha namaphini akhe kuzomele kube khona iphini lomqeqeshi lakuleli,” kusho uGqosha kwiLisenethini.
“Ozosizana nabaqeqeshi nabadlali ngoba abadlali bayamdinga umuntu abazokhona ukukhululeka kuyena uma kukhona abangakuqondisisi kahle ngomqeshi.
“UMathebula ngibona ukuthi kuzomele abaphathi beKaizer Chiefs bamgcine ngoba usemncane.
“Umsebenzi wakhe muhle emaqenjini amancane futhi lokhu kuzomnika ithuba lokuthi ancele ulwazi kulaba baqeqeshi,” kwengeza uGqosha.
UDavid Mathebula ubesethimbeni likaCavin Johnson obeyibamba lomqeqeshi ngesikhathi kusacingwa omusha.
OLUNYE UDABA: Akucaci ngekusasa lesinye sezihlabani ze-Orlando Pirates
Khonamanjalo kulindeleke ukuthi abaphathi beChiefs bamemezele abaqeqeshi abasha nabadlali maduze baphinde bamemezele abahambayo kubaqeqeshi nakubadlali.