Ezintsha

Akucaci ngekusasa lesinye sezihlabani ze-Orlando Pirates

Sekuqubuke imibiko ethi i-Orlando Pirates isifuna ukuthatha elinye igxathu ngendlela edlala neyenza ngayo izinto ngesizini ezayo.

Vele ke inengcindezi yokuqeda ukukhonya kweMamelodi Sundowns esinqobe isicoco seDStv Premiership amahlandla ayisikhombisa kulandelana. 

Lokhu kuholele ekutheni abaphathi bekilabhu bathathe izinyathelo eziqinile zokuqinisekisa ukuthi iqembu liyaqina kakhulu ngesizini ezayo. 

Abadlali abayisithupha sebevele badedeliwe yi-Orlando Pirates, kanti kunabanye abambalwa okulindeleke ukuthi balandele ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.

Manje iSoccer-Laduma ibika ukuthi umdlali wasesiswini uNdabayithethwa Ndlondlo angase ayishiye iPirates ngaphambi kohambo lwayo lwase-Europe. 

Lo mdlali uqale kahle efika kwiPirates, kodwa muva nje akasabonakali enkundleni, usengena esuka ebhentshini, nakhona uma kwenzekile.

UNdlondo udlale imidlalo engu-19 kwiligi ngesizini edlule. 

“Kunzima kuyena (uNdlondlo). Ikusasa lakhe alicacile ngempela njengoba iqembu (iPirates) libheke ukulungisa isikwati sesizini ezayo. 

“Baxoxisana naye mayelana nokubolekiswa kuze kuphele inkontileka yakhe ngoJuni wonyaka ozayo,” kuchashunwe umthombo usho kanje. 

“Noma angase adedelwe, abone ukuthi uyaphi kulo leli windi. 

“Akhona namakilabhu amhalelayo kodwa kusesekuseni ukusho okuningi. 

“Kodwa okubalulekile ukuthi ikusasa lakhe kusaxoxwa ngalo,” kusho umthombo.

“Bazolinda (iPirates) ize iqede ngabadlali abasha, nabasanda kufika ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo nokungenzeka kwenzeke sebebuyile e-Europe. 

“Ngakho-ke asilinde kuze kuphele uJulayi lapho sebebuyile khona izinto zizocaca ngaleso sikhathi. 

“Kodwa yebo khona ikusasa lakhe (uNdlondlo) limile okwamanje. Akazazi ubhekephi njengamanje.”