Usinde kukubi uRoberto Baggio ehlaselwa yizigebengu
– Alfred Ngubane
URoberto Baggio, oyingwazi yase-Italy ungenelwe yizigebengu endlini ngesikhathi ehlezi nomndeni wakhe ebuka umdlalo wezwe lakhe neSpain we-Euro ngempelasonto.
Ngokwemibiko, uRoberto Baggio uthole ukulimala ngesikhathi ehlangene phezulu nezigebengu ekade zihlome ngezibhamu.
Uphuthunyiswe esibhedlela lapho ethola khona usizo lokwelashwa khona e-Italy.
URoberto Baggio waduma kakhulu ngo-1994 eNdebeni yoMhlaba eyayise-USA engukaputeni we-Azzuri.
Wagqama ngokushaya amagoli amqoka kule Ndebe yoMhlaba ebambisene noDino Baggio noDaniel Massaro.
Washaya amagoli amahlanu kulo mqhudelwano, ebangisana nenkakha yaseBrazil uRomario ngomklomelo wokushaya amagoli amaningi.
Nokho le Ndebe yoMhlaba yaphela ngenothi elibi kuye njengoba kunguye owageja iphenathi kowamanqamu, behlulwa yiBrazil ngo 3-2.
Lesi sigameko sokuhlaselwa kwakhe kuthiwa senzeke ngabo-10 ebusuku futhi sithathe imizuzu engu-40.
Yena nomndeni wakhe bavalelwe ekamereni elilodwa, bakhiyelwa khona ngesikhathi izigilamkhuba zishaqa impahla yakhe.
“Okokuqala nje, umndeni wami ufisa ukubonga wonke umuntu ngozwelo enisikhombisa lona,” ucasunwe esho kanje.
“Kungenzeka noma noma yini ezimweni ezinjengalezi. Futhi, ngenhlanhla, udlame engibhekane nalo lungishiye ngilimele kancane.
OLUNYE UDABA: Kuphikwa amahlebezi okufunwa kuka-Appolis ezaseSoweto
“Kungishiye nemihuzuko nokwesaba. Manje sekumele ngibhekane nalokhu kwesaba ngibone ngidlula kanjani kukho,” kuchaza yena.