Ezintsha

UNcikazi uveza akutshela uMofokeng, kwamenza wakhululeka

URelebohile Mofokeng ube ngomunye wabadlali abagqamile kwiPirates kule sizini waze wangena naseqenjini lesizwe elikhulu, iBafana Bafana. 

UNcikazi uthi nguyena owatshela lesi sihlabani esisesincane ukuthi asidlale ibhola laso ngokukhululeka.

Uthi ngesikhathi efika eqenjini elikhulu, uRelebohile Mofokeng wayenokusaba, ethuswa wukuthi nguye omncane kunabo bonke eqenjini.

“Ngamhlalisa phansi ngamtshela ukuthi makadlale ngokukhululeka, mina ngizomlwela uma ethethiswa,” kusho uNcikazi kwiLisenethini.

“Ngamtshela ukuthi njengoba simlandile (eqenjini lenkulisa) kungoba sifuna azodlala eqenjini elikhulu ngoba sibona ukuthi uzolisiza iqembu.”

Kumanje uMofokeng udlala kahle ngokubambisana noPatrick Maswangayi, bagila izimanga futhi yibo abayinjini ye-Orlando Pirates.

Laba badlali basanda kubizwa eqenjini leBafana Bafana ngumqeqeshi uHugo Broos.

Kulindeleke ukuthi ngesizini ezayo basize iPirates njengoba ibuyeka kwiCaf Champions League nokuvikela izndebe ezinqobe kulokhu, bese beyisiza nasemjahweni wesicoco seDStv Premiership.

Nokho kungenzeka uMofokeng ashiye kuleli qembu njengoba kuvela ukuthi iGlasgow Rangers yaseScotland iyamhalela. 

Kuthiwa leli qembu lizofika lizolinga iPirates ngokuthi lidayiselwe yena ukuze lizikhulisele lona njengoba limbona engaba yisihlabani. 

Ngaphezu kweRangers, uMofokeng useke waheha namehlo eRB Salzburg edlala kwiligi enkulu yaseGermany.

Ne-Al Ahly yase-Egypt nayo kuthiwa seyiqalile ukumlandela lo mfanyana oneminyaka engu-19 ngenhloso yokumbheka ukuthi engalunga yini kuyo.

Useke wayohlolwa nayiqembu lase-England, iWolverhampton Wanderers, okungenzeka nalo libuye selizomthenga.