ULyle Foster ufunwa yizinkunzi zase-Italy
– Intatheli yeLisenethini
Umgadli weBafana Bafana, uLyle Foster kuvela ukuthi usedonse amehlo eqembu eliphezulu lase-Europe futhi angase ayishiye iBurnley kuleli windi lokusayinwa kwabadlali.
ULyle Foster, owake wadlalela iMonaco akakwazanga ukusiza iBurnley ukuthi ihlale kwi-English Premier League njengoba idliwe yizembe neSheffield United neLuton Town.
Izinkinga zempilo zimlahlekisele indawo eqenjini leBafana Bafana ebeliye kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast ngo-2023.
Kodwa usebuyele ngokuphelele eqenjini lika-Hugo Broos njengoba ebebiziwe ekhempini yakamuva yemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Ngokombiko weSoccer Laduma, sekunentshisekelo emaqenjini ase-England yokuthi uFoster ahlale kwiPremier League.
IBurnley yona isizodlala kwiChampionship. Akuwona ke wodwa amaqembu ase-England anentshisekelo ngalo mgadli weBafana Bafana
Ompetha beSerie A yase-Italy, basemakethe njengoba befuna umgadli omusha ozovala isikhala sikaMarko Arnautovic.
ULyle Foster, okhiqizwe yinkulisa ye-Orlando Pirates, ungomunye wabadlali abasebancane okubonakala benekusasa elihle ebholeni.
Useke wadlala naseBelgium la abonwa khona uVincent Kompany obecija iBurnley, wabe esemlanda.
OLUNYE UDABA: Usinde kukubi uRoberto Baggio ehlaselwa yizigebengu
Namanje njengoba uKompany esekwiBayern Munich, kungenzeka amlande lo mgadli kwazise uyakholelwa kuye.