Ezintsha

URooney akayizwa ‘eyokuzama’ kukaSouthgate kwi-England

UWayne Rooney usephumele obala waveza ukukhathazeka kwakhe ngendlela i-England edlala ngayo kwi-Uuro 2024.

Uthi iqembu likaSouthgate liyinhlakanhlaka esiswini, okwenza lingakwazi ukwakha amathuba okushaya amagoli. 

Usola lomqeqeshi ngokuthi indlela ayisebenzisayo yiyona engaqondile kahle neyenza abadlali abafana noJude Bellingham, uBukayo Saka, uPhil Foden, noDeclan Rice lingahlangani ibhola abalidlalayo.

Ngonyaka odlule i-England yadlala kahle kakhulu njengoba yaze yafika kowamanqamu kulo mqhudelwano, yahluleka khona ishaywa yi-Italy.

UWayne Rooney uthi kuyaphoxa ukuthi uSouthgate uze kulo mqhudelwano kukhona asazokuzama, akangazi noma kuzosebenza yini.

“(U-Alexander Arnold ube nezikhawu la ekwenzile ebesicabanga ukuthi engakwenza,” kusho uSouthgate.

“Siyazi ukuthi bekuzanywa nje ngaye kuleya ndaawo ngoba asinaye ongakwazi ukuvala isikhala sikaKalvin Phillips.

“Sizama izinto ezehlukene okwamanje futhi akuhambi ngendlela ebesingafisa kuhambe ngayo, lokho ngeke sikufihle.” 

Yiwo la mazwi axhile kakhulu uRooney, obona kungafanele uSouthgate akuvume esidlangalaleni ukuthi usathatha amashansi namanje.

“Angicabangi ukuthi ungafika emqhudelwaneni omkhulu kangaka uthi ‘usazama izinto ezithile’,” kusho uRooney.

“Yigama eliqine kabi ukuthi ungalisho ngoba uma i-England ingayi ndawo kulo mqhudelwano, ngicabanga ukuthi uzozisola ngalamazwi akhe.

“Kushoda amava nabadlali abakhulumayo eqenjini njengamanje. Uma nizocindezela (nihlasela) kudingena nikhulume.

“Mina bengizohamba noJordan Henderson ngoba uyazikhulumela. UHarry Kane akazwani nokukhuluma,” kwengeza uRooney. 

Leli qembu lase-England selokhu kuqale iEuro abahlaziyi bebhola nezinkakha zakhona zikhala njalo ngabadlali basesiswini. 

I-England isidlale imidlalo embili yanqoba owodwa la yashaya khona iSerbia yadlala ngokulingana neDenmark. Izodlala neSlovakia ngoLwesibili kowokugcina esigabeni samaqoqo.