Selifikile iphini lomqeqeshi omusha weKaizer Chiefs
– Intatheli yeLisenethini
UFernando Da Cruz, oyisekela lomqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, utheleke eGoli ngeSonto emini.
UDa Cruz ungomunye wamalungu ayisithupha amasha okulindeleke ajoyine ithimba elisha labaqeqeshi kwiKaizer Chiefs.
Leli thimba elizovuslelela leli qembu, kulindeleke ukuthi liholwe nguNasreddine Nabi.
Umqondisi wezemidlalo weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jr. nguye owamukele ngemfudumalo uDa Cruz esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International.
Ngokubika kweFAR Post, kulindeleke kufike u-Ilyes Mzoughi ongumqeqeshi omusha wonozinti waseMauritania ngalo iSonto.
Bobabili uDa Cruz noMzoughi bazoqala ukusebenza ngoMsombuluko eKaizer Chiefs Village, eNaturena.
Kulapho lapho abadlali beChiefs bezobuyela khona ukuze kuqale amalungiselelo esizini ka-2024/25 yePSL.
Lezi zinkunzi zaseSoweto zisalinde ukufika komqeqeshi wazo omusha, uNabi.
Okubambezele ukufika kukaNabi wukuthi unomdlalo weThrone Cup kwiFAR Rabat asebenza kuyo njengamanje eMorocco.
UNabi kulindeleke ukuthi ashiye kuleli qembu ngemuva kwalo mdlalo owandulela owamanqamu.
UDa Cruz uza nenqwaba yesipiliyoni kulo msebenzi wakhe omusha kwiChiefs.
Uhambo lwakhe lokuqeqesha lwaqala kwiLille, lapho afundisa khona izihlabani ezifana no-Idrissa Gueye we-Everton noLucas Digne we-Aston Villa.
Ubuye wasebenza isikhashana kwiWasquehal Football yaseFrance neRoyal Mouscron yaseBelgium.
Muva nje, uDa Cruz uthuthele eMorocco ukuyojoyina i-AS FAR Rabat, ayinqobise isicoco sika-2022/23 seBotola Pro League.
UNabi noDa Cruz bakhe ubuhlobo obuqinile eMorocco, kanti lokhu kubambisana kulindeleke ukuthi kulethe impumelelo kwiChiefs.
Imithombo esondelene nabaqeqeshi iveze ukuthi uNabi ucele ngokukhethekile ukutholelwa uDa Cruz njengephini.
OLUNYE UDABA: UNcikazi uveza akutshela uMofokeng, kwamenza wakhululeka
Kuthiwa uqhakambise ubudlelwano babo bokusebenza obuhle nokuthi bakholelwa endleleni efanayo yokudlala.