Okwenza owayengunozinti kwiBucs afise uNwabali
– Intatheli yeLisenethini
Owayengunozinti we-Orlando Pirates, uThabang Stemmer, ubona kungaba yinto enhle kakhulu uma leli qembu lingaqinisa konozinti ngoStanley Nwabali.
UStanley Nwabali, ovimba kwiChippa United njengamanje, ungomunye wabadlali abamataniswa nePirates.
UStemmer ukholwa wukuthi lokhu kungaba yinto enhle nengayisiza iPirates ikakhulukazi njengoba izodlala kwiCaf Champions League.
Ngokubona kwakhe, amava kaStanley Nwabali ebholeni lamazwe ngamazwe yinto enhle nokufanele ukuba ingayisiza iBucs.
IPirates idedele onozinti ababili – oRichard Ofori noSiyabonga Mpontshane – phakathi kwabadlali abayisithupha abashiyile kukelli qembu.
Manje uStemmer ubona lokhu kuvule isikhala esikahle sokuthi ilande uStanley Nwabali oneminyaka engu-28.
“Isizathu esenze ukuthi iPirates idedele laba ababili, wukuthi ifuna ukuqinisa ngoNwabali,” kusho uStemmer kwabeKickOff.
“Nangesikhathi nami ngisadlala, iPirates yayiqinisa ngonozinti abasezingeni. Wonke amaqembu amakhulu adinga onozinti abasezingeni.
“Uzokhumbula ukuthi iPirates ifuna ukuya kude kuyo yonke imiqhudelwano ngakho ukufika kukaNwabali kungaba yinto enhle. Siyakudinga ukuncintisana konozinti.
“Kwake kwanesikhathi la kwakukhona uJohn Tlale, uWilliams Okpara, uMichel Babale nami.”
UStemmer, oseneminyaka engu-44, uthi uNwabali uzoletha amava ebhola lamazwe ngamazwe njengoba evimba eqenjini lesizwe leNigeria.
“Ungunozinti weqembu lesizwe. USipho Chaine muhle impela naye, kodwa ngeshwa akekho eqenjini lesizwe.
“Uyamadinga lawo mava, ikakhulukazi uma uya kwiChampions League. Udinga abadlali abaphambili, ikakhulukazi konozinti.”
Uthe kuyamjabulisa nokuthi iPirates ibonakala isivala isikhala kwiMamelodi Sundowns ngokuthenga abadlali abasezingeni.
“Uma ufuna ukunqoba izindebe, udinga abadlali abaphambili. Buka nje iMamelodi Sundowns, bangaki onozinti enabo?
OLUNYE UDABA: Selifikile iphini lomqeqeshi omusha weKaizer Chiefs
“IPirates iyalivala igebe leSundowns futhi lokho kungenza ngiziqhenye njengomlandeli wayo,” kusho le nkakha.