Ezintsha

Kuphikwa amahlebezi okufunwa kuka-Appolis ezaseSoweto 

U-Oswin Appolis wePolokwane City kunemibiko ethi usohlwini lwabadlali abafuna yizinkunzi zaseSoweto. 

Kodwa uLance Davids, owayengumdlali kodwa manje oseyimenenja yabadlali, ithi lokhu ngamampunge nje, akukho bona asebekutholile ngaye.

Izindaba zokuthi u-Appolis ufunwa yizinkunzu zaseSoweto zibikwe ngumsakazi weSuperSport TV uKarabo Phasha ngempelasonto.

“Ngizwa kuthiwa bobabili iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates bazimisele ngo-Oswin Appolis oneminyaka engu-22,” ubhale kanje uPhasha kwi-X. 

“Imenenja yakhe ifisa aye phesheya hhayi kwelinye iqembu kuleli, kunamanye amaqembu amabili ePSL azimisele ngaye.” 

Imenenja ka-Appolis, uDavids ibe seyiphendula ithi lokhu ngamanga futhi yanxena uPhasha ukuthi aluhlolisise udaba alutholayo ngalo mdlali.

“Ngamanga lawa. Asikatholi lutho ngalo mdlali njengamanje,” kuphendula uDavids ngalamahlebezi. 

“Okwamanje usengumdlali wePolokwane City. Ngicela uluhlolisise ulwazi lwakho ngaphambi kokulushicilela.” 

U-Appolis ubengomunye wabadlali ababe nesizini enhle kwiDStv Premiership futhi waze wangena naseqenjini lesizwe elikhulu, iBafana Bafana. 

Njengokujwayelekile, umdlali owenze kahle eqenjini elithathwa njengelincane kuyaye kube nokufiswa emaqenjini amakhulu.