Uzowashwebisa uMorena Ramoreboli awakuleli amfunayo
– Alfred Ngubane
UMorena Ramoreboli, ongumqeqeshi weJwaneng Galaxy yaseBotswana uthi akajahile ukubuyela kwiDStv Premiership.
Njengoba esezakhele igama eBotswana, uMorena Ramoreboli unamaqembu amhalelayo kuleli.
Eqhulwini kuwo kukhona iSekhukhune United esanda kugxala uLehlohonolo Seema.
Nokho uMorena Ramoreboli uthi yena akaxinile ukubuya kuleli ngoba usenomsebenzi afisa ukuwuqedela kwiJwaneng Galaxy.
“Mina ngiqale umsebenzi engufuna ukuwufeza kahle kwiJwaneng Galaxy njengoba senginqobe iligi amahlandla amabili nenkomishi,” kusho uRamoreboli.
“Angifuni ukuxabana nabantu uma bengasakhokhi imali yami. Angihambi ngokuxabana nabantu.”
Njengamanje uRamoreboli unezingxoxo ngenkontileka entsha kwiGalaxy kanti uveze ukuthi ngokwakhe engafisa ukuhlala.
Le sizini ephelayo uRamoreboli izinto zimhambele kahle kwiJwaneng Galaxy njengoba leli qembu lenze kahle nakwiCaf Champions League, lahamba ibanga elide kakhulu.
Liphine lanqoba iBotswana Premier League, labe selengeza nangendebe ngaphezulu.
“Lo msebenzi (weJwaneng Galaxy) udinga umuntu owuqondayo,” kusho uRamoreboli kwabeSABC Sport.
“Udinga umuntu ozowuqhubezela phambili. Ngisekhona lapha, futhi imenenja yami isaxoxisana neqembu, sizobona kuzokwenzakalani.
“Ngiyayihlonipha iJwaneng Galaxy, yebo ngelinye ilanga ngiyobuyela ekhaya – kodwa lokho kuyoba yisinqumo sikaMdali ukuthi nini.”
Uvumile ukuthi useke wezwa ngamaqembu amfunayo kwiPremier Soccer League, wathi kodwa okwamanje yena usagxile kwiGalaxy.
“Impela maningi amaqembu ePSL aseke avela, ngisho nakuyo le sizini imenenja yami beyingitshela ukuthi kukhona ambalwa aseke abuza ngami.”
URamoreboli usekukhombise izikhashana ukuthi ungumqeqeshi osezingeni.
Ngonyaka odlule nguye obesebhentshini leBafana Bafana ngesikhathi idlala kwiCosafa Cup.
Ngaphezu kweSekhukhune, kuvela ukuthi neGolden Arrows izibhekile kuye uma kuwukuthi uSteve Komphela ugcina ngokuyishiya.
OLUNYE UDABA: Kucime izibani kwiFrance kulimala uKylian Mbappe
UKomphela ukhonjwa kwiSimba SC yaseTanzania kanti nayo iSekhukhune iyamfuna kuleli.