Ezintsha

URhoo uvikela uLyle Foster ‘ongumgadli osezingeni’

ULyle Foster wazakhela igazi elibi kubalandeli bakuleli ngesikhathi enqaba ukuza kwiBafana Bafana ngesikhathi se-Africa Cup of Nations ekuqaleni konyaka.

Kuthe noma iqembu adlala kulo e-England, iBurnley selidliwa yizembe kwi-English Premiership, abalandeli bakuleli bagiya.

Kodwa uRadebe ukholwa wukuthi lokhu kugxekwa kukaLyle Foster akufanele futhi akasona isahluleki yise ehlulekile ukusiza iBurnely ivike izembe.

“Uma ephindela neBurnley kwi-English Championship, lokho akusho ukuthi usefeyilile,” kusho uRadebe.

“Kodwa usengumdlali osezingeni eliphezulu odlala e-England noma ngabe udlala kwiChampionship.

“Ukuncintisana kukhulu nakhona kwiChampionship, kuyafana nakwi-English Premier League,” kwengeza uRadebe.

UFoster ufike wadlala kahle kwiBurnely ngesikhathi idlala kwiChampionship, wafaka isandla ekutheni inyukele kwiPremier League.

Nangesizini yakhe yokuqala kwiPremier League ubeza kahle, ewashaya amagoli, kodwa waphazanyiswa ukugula kokukhathala kwengqondo.

Yikho lokhu kugula okwamphoqa ukuthi angakwazi ukuhamba neBafana ukuya e-Ivory Coast kwi-Afcon ngoMasingana. 

Khonamanjalo, uFoster usenalo ithuba lokuthola ikhaya elisha kwiPremier League njengoba kuvulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoNtulikazi.