Ezintsha

UMokwena uvula isifuba ngokuhamba kukaZungu kwiDowns

Empeleni nje uRulani Mokwena akanazwi ekutheni yimuphi umdlali ohlalayo nodedelwayo, ngokusho kwakhe engxoxweni yakamuva nabezindaba.

Ekhuluma kwiPower FM Sports ngoLwesihlanu ebusuku, uMokwena uvule isifuba sakhe ngokuhamba kukaZungu.

UZungu ube ngumdlali wokuqala iSundowns emdedelile njengoba kusavaliwe nje futhi amaqembu ezihlela kabusha elungiselela isizini ezayo. 

“Uma inkontileka ifika ekupheleni, kuba yisimo esibucayana ngoba sifaka imenenja (yomdlali), umdlali uqobo nekilabhu,” kusho uRulani Mokwena.

“Mina angingeni kuleyo ndaba. Kuba yiSporting Director nekilabhu abakhuluma lezi zindaba. 

“Impela mina bengingathanda ukumgcina… Ngendlela efanayo nengangifisa ukugcina ngayo uCassius (Mailula), ngendlela engangingathanda ukugcina ngayo uHashim Domingo.

“Kodwa kwesinye isikhathi ebholeni, njengasempilweni, awukutholi okufisayo. Isimo sinjalo nje.

“Ibhola lifuna usheshe udlulise bese udlulela phambili. Ngemuva kwamahora angu-24 kumele ube sewudlulele phambili.

“Yilokho okubalulekile ngoba uthando enginalo nganoma yimuphi umdlali, alukho ngaphezulu kothando enginalo lwekilabhu. 

“Ngisebenzela ikilabhu ngakho kumele ngihlezi ngenza okubeka phambili ikilabhu. Yilokho okubaluleke ukwedlula yonke into.”