Ezintsha

UMokwena uphika uNasir, ‘akayena umdlali weDowns’

URulani Mokwena uthi umgadli, u-Abubaker Nasir akayena umdlali weMamelodi Sundowns.

Lokhu kuyadida ke ngoba le kilabhu yakumemezela ukusayinwa kwakhe futhi useke wadlala imidlalo embalwa ngaphambi kokuthi alimale.

Ekuqaleni kwesizini kwavela ukuthi akabhalisiwe kwiPremier Soccer League njengomunye wabadlali abazodlala kwiSundowns ngoba elimele. 

Kodwa lokho bekungasho ukuthi akaseyena umdlali weMamelodi Sundowns, kodwa uRulani Mokwena useveze okunye.

“Akayena umdlali weMamelodi Sundowns,” kusho uMokwena kwiPower FM uma ebuzwa ngalo mgadli wase-Ethiopia.

“Ngakho angikwazi ukukhuluma ngo-Abubaker Nasir ngoba akayena umdlali weSundonws.”

Uma ebuzisiswa ukuthi ngabe akaseyena kusukela nini umdlali weSundowns lo mgadli, uthe kungoba akabhalisiwe.

“Akayena umdlali weSundowns, akabhalisiwe njengomdlali weSundowns. Mina angikhulumi ngabantu abangabona abadlali beSundowns.”