Kucime izibani kwiFrance kulimala uKylian Mbappe
– Alfred Ngubane
Kudungeke izinhlelo zomqeqeshi weFrance, uDidier Deschamps ngokulimala kakaputeni wakhe uKylian Mbappe.
UKylian Mbappe ulimale emdlalweni wokuqala weFrance kwi-Euro Championships eqhubekayo eGermany.
Isikhala salo mgadli ozobe edlala kwiReam Madrid ngesizini ezayo sivele kakhulu emdlalweni eNetherlands la iFrance ibanjwe khona ngo 0-0.
IFrance ikhombise ukuba buthuntu phambili njengoba o-Antoine Griezmann noMarcus Thuram bebengakhombisi ukudlala ngokuzwana.
Kwale ngisho esekhishiwe uThuram kwangena umakadebona u-Olivier Giroud, isimo asijikanga.
UKylian Mbappe walimala ekhaleni emdlalweni wokuqala weFrance ibhekene ne-Austria nokumphoqe ukuthi engadlali emdlalweni weNetherlands.
Lo mgadli weReal Madrid ubekhona ebhentshini, kodwa uDeschamps wanquma ukumonga ukubalekela ukuthi alimale kakhulu.
Nokho kufanele ukuthi uzombophela emdlalweni wokugcina esigabeni samaqoqo uma sebebhekene nePoland ngoLwesibili.
Phela lona ngumdlalo okumele nakanjani iFrance okumele iwunqobe ukuze idlulele esigabeni esilandelayo.
UMbappe ungumdlali okwaziyo ukuthwala iqembu noma ngabe abanye abadlali baqala ukukhathala kodwa uyabakhuthaza ukuthi baphaphame.
INetherlands neFrance bayalingana ngamaphuzu kodwa umehluko ukuthi iNetherlands inamagoli amaningi eyawashaya emdlalweni wokuqala.
Emdlalweni yangoMgqibelo, iGeorgia izobhekana neChech Republic ngo-3 ntambama, bese iTurkey igadulisane nePortugal ngo-6 ntambama.
Usuku luzovalwa umdlalo ikulindeleke ushube kakhulu phakathi kweBelgium neRomania ngo-9 ebusuku.
IBelgium, engelinye lamaqembu abhekiwe kulo mqhudelwano, ayiqalanga kahle njengoba yavula ngenduku.
Uma ingahluleka wukuthola amaphuzu agcwele kwiRomania, sekomele iqoqe amasakana ayo ilungele indlela ebheka ekhaya.
OLUNYE UDABA: UMokwena uphika uNasir, ‘akayena umdlali weDowns’
Ukunqoba kuzoyibuyisela embangweni wokudlula kuGroup E, iye esigabeni somkhumulajezi.