IChippa United ‘beyiqeda ngamakhehla’ idedela inqwaba
– Intatheli yeLisenethini
Umqeqeshi weChippa United, uThabo September, usecacise ngesinqumo seqembu sokudedela abadlali abangu-16 ngaphambi kwesizini ezayo.
Lesi simemezelo, esenziwe ngoLwesine, sithuse abantu abaningi njengoba iChippa United izoqala amalungiselelo esizini entsha ngesonto elizayo.
UThabo September, osebenza ngokubambisana noKwanele Kopo, uthi ngalokhu kuhloswe ukwenza iqembu libe nokuncintisana kakhulu kulandela ukuqeda endaweni ka-12 ngesizini edlule.
“Sikholwa ukuthi lokhu kuhlelwa kabusha kuyadingeka ukuze kuqiniswe iqembu lethu futhi kuthuthukiswe ukusebenza kwethu ngesizini ezayo,” kusho uSeptember kwabeCitizen.
“Yindlela ikilabhu efuna ukuyilandela mayelana nokuzama ukuthola abadlali abasha eqenjini.
“Wonke amaqembu azokwenza izinguquko ukuze abe ngcono.
“Sifuna ukubona ukuthi ngeke yini sikwazi ukwenza iqembu libe ngcono kunangesizini edlule.”
Uthe yize bezoqinisa, kodwa bazoqale babheke ukuthi yini abanayo enkulisa ngaphambi kokuphumela ngaphandle.
“Sethule abadlali abahlanu beDDC ngesizini edlule ngakho sihlela ukuqasha…
“Kodwa kuqala kufanele sibheke ngaphakathi (enkulisa yeqembu) ukuthi ngubani ongasisiza kubadlali esinabo.
“Sinabadlali abaningi abasebancane abakhuliswa ngohlelo lwethu ngakho kumele sibavulele isikhala ukuze bakhule.
“(Nokho) Kuzomele singene nasemakethe ukuzama ukuthuthukisa isikwati.
“Lolo wuhlelo esinalo kodwa ngokwezibalo nakanjani ngeke kube nabadlali abangu-16 abezayo.
“Asidingi okuningi futhi wukwengeza nje kulokho esinakho eqenjini futhi iminyaka yabadlali izokwehla ngesizini ezayo.
OLUNYE UDABA: OweRoyal AM usolwa ngokuqhath kwi-ABC Motsepe League
“Sifuna ukwenza iqembu libe lincane bese sibona ukuthi lisiyisa kuphi.”
IChippa seyidume kabi ngokusheshe ibaxoshe kanti nabo oSeptember noKopo ngeke kuthuse ukuthi kuqale isizini sebegxaliwe.