BUKA: Ngabe ibanjwe ngophondo iNetherlands kuphikwa igoli?
– Sibongiseni Gumbi
Ngokubona kowayeyisikhulu sonompempe kuleli, u-Errol Sweeney, iNetherlands iphikelwe igoli kungafanele kwi-Euro ngoLwesihlanu ebusuku.
INetherlands ishaye igoli ebizonqoba ngalo kwiFrance umdlalo sewuya ngasekupheleni, kodwa lachithwa.
Kube ngumsizi kanompempe ophakamisa iduku unompempe kade eselibize emlotheni.
Ngemuva kokuhlolwa kwaleli goli ngohlelo wevidiyo, iVAR, libe seliphikwa kwabe wukusinda kweFrance ekutholeni induku.
Nokho indlela okwenzeke ngayo ishiye imibuzo ngoba abaningi bakhale ngokuthi umdlali obesendaweni engamfanele azange aphazamise lutho.
USweeney naye uvumelana nalowo mbono, uthi leligoli leNetherlands bekumele libalwe.
“Kungabe igoli leNetherlands liphikwe ngendlela efanele ukuthi kube yi-offside?,” ubhale kanje uSweeney ekhasini lakhe likaFacebook.
“Ukhumbule ukuthi akulona icala ukuba sendaweni engafanele ngaphandle uma, 1. Uphazamisa umdlalo,
“2. Uphazamisa imbangi, noma 3. Ufuna ukuzuza ngokuba sendaweni engafanele.
“Ngakho ke, unombolo 1 nonombolo 2 cha. Unombolo 3, singathi mhlawumbe.
“Kungabekwa ukuthi uphazamise unozinti ezama ukuvimba ibhola, kodwa unozinti akazange anyakaze (ukuzama ukuvimba ibhola).
Ngemuva komdlalo, ukaputeni weNetherlands, uVirgil Van Dyk usole unompempe ngemuva komdlalo, ethi ubabambe ngophondo.
“Sishaye igoli elihle, (unozinti) ubengeke alifice leliya bhola kodwa unompempe wase-England wanquma ukuliphika,” kusho uVan Dyk.
OLUNYE UDABA: Uzowashwebisa uMorena Ramoreboli awakuleli amfunayo
Buka nayi ngezansi ividiyo yaleli goli elisuse umsindo: