Ezintsha

Usizi luzwa okunye kuXola Mlambo ‘okweleta’ iTS Galaxy

Kuvela ukuthi uXola Mlambo wafaka iTS Galaxy icala kulandela ukuba imxoshile, efuna ukukhokhelwa imali abezoyihola ngesikhathi senkontileka yakhe. 

Kodwa ekugcineni lo mdlali wasesiswini owake wadlala kwi-Orlando Pirates useyalelwe ukuba akhokhele iRockets u-R120 000. 

UXola Mlambo, oneminyaka engu-32, ujoyine iTS Galaxy ngoNtulikazi ka-2022 esuka kuMaZulu FC ngesikhathi leli qembu lisanda kuqasha uSead Ramovic. 

Kodwa ke inkontileka yakhe yeminyaka emibili yasheshe yanqanyulwa kulandela ukushayisana kwakhe nalo mqeqeshi odabuka eGermany. 

Ngokubika kwe-iDiski Times, uMlambo wasola lo mqeqeshi ngokungamthandisisi, ethi wambiza ngokuthi ulivila.

Lokhu kwaholela ekutheni uMlambo afake icala kwiPSL efuna ukukhokhelwa umholo akweletwa wona. 

Isigungu sePSL, iDispute Resolution Chamber (DRC) slichithile leli cala lakhe. 

Lesi sigungu siphinde sachitha nesicelo seGalaxy sokuthi uMlambo ayinxephezele ngokungcolisa igama layo. 

Kodwa uMlambo uyalelwe ukuthi akhokhe u-R120 000 womholo awuthola kungafanele aphinde akhokhele nezindleko zokuhlala kwalesi sigungu. 

Lo mdlali onekhono elimangalisayo kumanje akanaqembu kanti sekuzoba yisizini yesibili uma egcina engalitholanga elinye iqembu.