Usezibophezele kwiBay unozinti okhonjwa kwiChiefs
– Intatheli yeLisenethini
Njengoba eqina amahlebezi okuthi unozinti weRichards Bay, uSalim Magoola usohliwni lonozinti abafunwa yiKaizer Chiefs, yena usevele wazibophezela kwiRich Boyz.
Sekunesikhathi uMagoola emataniswa neKaizer Chiefs esezinhlelweni zokuqinisa epalini ikakhulukazi njengoba u-Itumeleng Khune engeke esadlala.
Kodwa uma kuwukuthi leli qembu laseNaturena lizimisele ngalo nozinti odabuka e-Uganda sekuzomele likhokhe imali ebhekile ukumthola.
Ngokubika kweSABC Sport, uMagoola usesayine inkontileka entsha yeminyaka emibili kwiRichards Bay.
UMagoola bekukhulunywa ngaye ngekusasa lakhe ikakhulukazi ngemuva kokudlala kahle kusukela ejoyine iRich Boys ngoNtulaikazi ka-2022.
Ngesizini yakhe yokuqala, uMagoola uphuthelwe imidlalo emithathu kuphela yeligi futhi waze wacatshangwa emklomelweni wonozinti ovelele.
OLUNYE UDABA: Imenenja icacisa ekaTeboho Mokoena ne-Al Ahly
Yize iRichards Bay ize yakwazi ukusinda ezembeni seyidlala kweyokuhlunga, uMagoola nguye odlale yonke imidlalo yeligi.