OweChiefs ujima nabeDowns belungela isizini entsha
– Sibongiseni Gumbi
Njengoba sekusondele ukuqala kwamalungiselelo esizini entsha, abadlali nabo sebeqalile ukuzilungiselela ngayejwana noma bengamaqoqwana.
Yingakho umdlali weKaizer Chiefs, uMduduzi Shabalala, oneminyaka engu-20, ehlangane nozakwabo beMamelodi Sundowns oNeo Maema oneminyaka engu-28 weSundowns noTerrence Mashego oneminyaka engu-27.
Laba badlali bayasizana ukuzilungiselela besebenzisana noMartin Elias oyi-fitness trainer ukuze babuyele emaqenjini abo besesimweni esihle.
Abadlali beKaizer Chiefs babhekwe ukuthi babuyele ekilabhini ngoMsombuluko lapho bezofike bahlolwe izinga abakulo lokuba fithi.
UShabalala uthathwa njengethalente elilandelayo elikhulu eliphuma esikhungweni seKaizer Chiefs.
Yize ekhombise ukwethembisa okukhulu eqenjini lenkulisa, uthwale kanzima ukukhombisa leyo fomu eqenjini elikhulu.
Abanye bathi lokhu kungenxa yokungazinzi kweqembu, bathi ukube iqembu lenza kahle, ngabe uShabalala ubezosheshe ajwayele futhi enze kahle.
Kuqhathaniswe nesimo sikaRelebohile Mofokeng osheshe wagqama kwi-Orlando Pirates ngenxa yesimo esihle asifice eqenjini elikhulu.
Ngesizini ezayo kuzobe kulindelwe lukhulu kuShabalala njengoba engena kwisizini yakhe yesibili egcwele eqenjini elikhulu.
Omunye umdlali osemncane ozobhekwa kuMakhosi nguMfundo Vilakazi oneminyaka engu-18 okhushulelwe eqenjini elikhulu ngasekupheleni kwesizini.
UVilakazi ukhombise ukugqama emidlalweni embalwa ayidlalile, futhi njengoba ezoba nesikhathi esanele sokujima neqembu ngaphambi kokuqala kwesizini ezayo, angase abe umdlali omqoka iChiefs ebimfuna.
Bobabili uShabalala noVilakazi bamele ikusasa leChiefs, kanti abalandeli bazobe bebheke ngabomvu ukubabona bekhula njengoba kuzoqala isizini entsha.
Futhi njengoba kuzoba nomqeqeshi omusha, bazothola ithuba elihle lokuziveza kuye ukuze bangene eqenjini eliqala imidlalo.
OLUNYE UDABA:Â Basezingeni abagadli abamataniswa neKaizer Chiefs
Yize kungakaqinisekiswa, kodwa sekucacile ukuthi lowo mqeqeshi nguNasreddine Nabi waseTunisia.Â