Indumalo elaseKZN lihluleka ukuzibekela indawo kwiChampionship
– Siwe Shozi
Kuphinde kwaa wusuku lwendumalo KwaZulu-Natal njengoba ephelile amathemba ngeqembu ebelithwelee ngeqoma ukuthi lizodla umhlanganiso emidlalweni yokuhlungela ukungena kwiMotsepe Foundation Championship.
INjampela FC ihlulwe emdlalweni owandulela owamanqamu ngo 2-1 yiqembu lase-Eastern Cape, iHighbury FC.
Lokhu kusho ukuthi Injampela isazoqhubeka nokudlala kwi-ABC Motsepe League nangesizini ezayo.
Leli qembu lakwaNongoma, elicijwa uTshepo Motsoeneng, bekulindeleke ukuthi liqede ishobolo leminyaka eyisikhombisa.
Phela sekuphele iminyaka eyisikhombisa kwagcina ukuba neqembu laseKZN elisuka kwi-ABC Motsepe League liyekwiChampionship.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwagcina ngoThongathi FC, emuva kwalapho ayile kweyokuhlunga amaqembu aseKZN afana no-Umvoti FC, iSummerfield Dynamos neMsinga United kodwa abuya elambatha.
Abafana basekuthuleni benzeke okufanayo neqembu loMsinga United ngoba nalo laphuma sekubonakala kuseduze lingene kwiChampionship.
Amaqembu azibekele indawo kwiChampionship yiKruger United yaseMpumalanga, esungulwe ngonyaka odlule nayo iHighbury FC.
OLUNYE UDABA: Usizi luzwa okunye kuXola Mlambo ‘okweleta’ iTS Galaxy
Umdlalo wamanqamu uzobe usudlalwa ngeSonto eMxolisi Dicky Jacobs Stadium ngo-3 ntambama.