Ezintsha

Basezingeni abagadli abamataniswa neKaizer Chiefs

Ngesizini edlule i-Kaizer Chiefs ishaye amagoli angu-25 kuphela emidlalweni engu-30 yeDStv Premiership.

Lokhu kuwuphawu lokuthi beyibuthuntu phambili, futhi kuyadingeka ithi ukuqinisa kubagadli.

Ngokubika kwe-UnplayableZA kwi-X, umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi ufuna ukusayinelwa uTumisang Orebonye. 

Lo mgadli, oneminyaka engu-28, udlala ngaphansi kukaNabi kwiFAR Rabat eMorocco futhi udlale unemidlalo engu-40 eqenjini lesizwe langakub eBotswana.

Ngesizini ka-2023-2024, u-Orebonye useshaye amagoli amane emidlalweni engu-15 yeligi ayidlalile kusukela ngoMasingana.

Okuhle ke wukuthi njengoba ejoyine iFAR Rabat ngoMasingana, usayine inkontileka ende kuleli qembu laseMorocco. 

IKaizer Chiefs kuzomele ikhokhe imali eshisiwe ukuze imthenge. 

Lo mgadli, oseke wadlala kwiCaf Champions League kule sizini, kuvela ukuthi ubiza u-R8.7-million ngokweTransfermarkt.

Omunye umgadli omataniswa neChiefs uLebo Mothiba, oneminyaka engu-28, oseshaye amagoli amane emidlalweni engu-14 eqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana. 

Ngemuva kweminyaka eyisithupha ekwiStrasbourg yaseFrance, uMothiba, usefuna ikhaya elisha. 

Wagcina ukubonakala kwiBafana Bafana ngoMfumfu ka-2023, futhi ngeshwa wakhishwa eqenjini le-Afcon ngenxa yokulimala. 

Bobabili uMothiba no-Orebonye bazofika namava nolwazi lwebhola ezingeni lamazwe ngamazwe. 

Bobabili laba bagadli banokuningi abangakuletha eNaturena futhi bafuna ukuqala kabusha ngakho bazobe bezimisele ukuzibonakalisa. 

Akungabazeki ukuthi abalandeli baMakhosi bazokuthokozela ukubona ikilabhu izingela abadlali abanohlonze ukuqinisa iqembu. 

Nokho umbuzo osusele manje ngothi: Ngabe laba bagadli asebemnkantshubomvu bazosithola isiqalo esisha kwi-Kaizer Chiefs?