Bafana BafanaEzintsha

Basalile abeChiefs, Pirates neDowns kweleCosafa

Bonke abadlali beKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns abebefakwe esikwatini sokuqala abazange bangene eqenjini lokugcina elizodlala kwi-Cosafa.

Leli qembu ligabe ngabadlali abaningi beStellenbosch FC (abane), Chippa United (bathathu), Cape Town City (ababili) neCape Town Spurs (bathathu). 

I-Safa ayizange iziveze izizathu zokuhoxiswa kwabadlali beChiefs, Pirates, Sundowns neTS Galaxy. 

Kodwa amakilabhu awaphoqelekile ukuthi adedele abadlali abaqokiwe njengoba lo mqhudelwano wesifunda ungadlalwa ngesikhathi esigunyazwe yiFifa.

Futhi kuhloswe ngawo ukucija abadlali abasebancane nabadlali abathembisayo. eqenjini lesizwe labadala. 

Leli qembu lizoqeqeshwa yiphini lomqeqeshi uHugo Broos, uHelman Mkhalele.

Isikwati esiphelele:

Onozinti: Mondli Mpotho (Royal AM); Olwethu Mzimela (AmaZulu FC); Samukelo Xulu (SuperSport United)

Abadlali basemuva: Thabang Matuludi (Polokwane FC); Keanu Cupido (Cape Town City); Thabo Moloisane (Stellenbosch CF); Rushwin Dortley (Cape Town Spurs); Athenkosi Mcaba (Stellenbosch FC); Malebogo Modise (Chippa United); USirgio Kammies (Chippa United)

Abadlali basesiswini: Brooklyn Poggenpoel (Chippa United); Antonio van Wyk (Stellenbosch FC); Jaedin Rhodes (Cape Town City); Ethan Brooks (AmaZulu FC); U-Devin Titus (Stellenbosch FC)

Abagadli: Mfundo Thikazi (Royal AM); Asanele Velebayi (Cape Town Spurs); Tshepang Moremi (AmaZulu FC); Ashley Cupido (Cape Town Spurs); Thabang Sibanyoni (University of Pretoria); Yanela Mbuthuma (Richards Bay FC)