Zikhala ngampela ke manje, iChippa idedela 18 wabadlali
– Sibongiseni Gumbi
IChippa United seyimemezele ukuthi bangu-18 abadlali ebinabo kule sizini abazobe bengekho ngezayo.
Laba badlali abangu-18 abakhululwe iChippa ngoLwesine ntambama kukhona kubo nababili ebibabolekile kwamanye amaqembu.
UGoodman Mosele ubebolekwe kwi-Orlando Pirates kanti ubuyela kuyo ngemuva kwesizini ebe yinhle kwiChippa.
UGadinkame Modise yena ubebolekwe kwiMamelodi Sundowns kanti naye ubuyela ekhaya eChloorkop.
Kwabebengalindelekile ohlwini lwabangase bashaywe ngesithende kukhona uLuvuyo Memela, uSiphelele Luthuli noLoydt Kazapua.
UKazapua ngunozinti kanti njengoba leli qembu lingase lishiywe nanguStanley Nwabali, lizosala lishoda konozinti.
Kuyacaca ukuthi leli qembu lase-Eastern Cape alisadlali manje njengoba cishe kungokokuqala iqembu lePSL lidedela inqwaba engaka kanyekanye.
“Sidlulisa ukubonga okusuka ekujuleni kwezinhliziyo kubo bonke laba badlali ngokuzinikela nokusebenzela kwabo iqembu.
“Nonke nilethe ukuzigqaja e-Eastern Cape, futhi sinifisela okuhle kodwa ngekusasa lenu,” ibhale kanje iChippa esitatimendeni.
Ibe seyiveza ukuthi njengoba ihlanza indlu nje, yenzela ukuvula izikhala zabadlali abasha abazomenyezelwa maduze.
“Abalandeli sebengalindela ukubona ubuso obusha bakhona la e-Eastern Cape njengoba siqhubeka nokwakha iqembu eliqinile lesizini ezayo.
“Siyanibonga ngokuqhubeka nokuseseka,” kuqhuba lesi sitatimende.
Bonke laba badlali abangu-16 abakhululwe yiChippa kungoba izinkontileka zabo ziyaphela uma kuphela uNhlangulana.
OLUNYE UDABA: ElaseMorocco lizoncenga uNabi angayi kwiChiefs
Nalu uhla lwabadlali abakhululiwe kwiChippa ngezansi:
- Luvuyo Memela
- Roscoe Petersen
- Loydt Kazapua
- Azola Ntsabo
- Siyabonga Nhlapo
- Senzo Mnkwanyana
- Siphelele Luthuli
- Darren Johnson
- Menzi Ndwandwe
- Andile Fakude
- Kamohelo Mahlatsi
- Diego Appolis
- Khanyisile Mayo
- Siseko Manona
- Yurig Conwood
- Andile Mbenyane