Ezintsha

Uyaziphendulela umdlali oqhathe iTS Galaxy nolaka lweFifa

Umdlali wase-Ivory Coast, uBernard Yao Kouassi wahlala isikhashana kwiTS Galaxy ngo-2023, kodwa wagcina ehambe engakaze adlale.

Njengoba akhululwa kwinkontileka ayeyisayinile, futhi enganxeshezelwanga, walusa kwiFifa udaba lwakhe.

Nebala le nhlangano eyengamele ibhola emhlabeni ihambisane naye, yagweba iRockest ngokungasayini abadlali amawindi amathathu kulandelana.

NgokweFifa, iTS Galaxy ikweleta umdlali isamba sika-R2.8-million ngokumxosha ngendlela engafanele nokungamnxephezeli. 

Usihlalo weRockets, uTim Sukazi uthe uzoyikhokha le mali ukuze ikilabhu yakhe iqhubeke nempilo njengenjwayelo.

Nokho ukhale ngokuthi uqoliwe ngoba iFifa ayizange izibheke kwakuzibheka izethulo zabo ngalolu daba. 

Manje uKouassi usekhulume nabeKickOff egonyuluka ngokwengeza kuye ngesikhathi ekwiRockets. 

“IGalaxy yangifaka kolukhulu usizini lolu, okufaka kulo nokucishe ngiboshwe.

“Ngahlala nezinsukwana ngingenakudla,” kusho lo mdlali ngokweKickOff.

Uthi yena wavuma ngesikhathi leli qembu limyekisa lapho ayesethenjiswe khona inkontileka e-India, weza kuleli.

Usola iRockets ngokwenza izinto kancane, yaze yafuna incwadi emvumela ukudlala kuleli ngosuku lokugcina, sekuvalwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

Lokhu kwaholela ekutheni angayitholi le ncwadi, okwasho ukuthi ngeke esabhaliseka futhi ngeke esadlala.

Wayefike kuyo ngoMasingana ka-2023, kanti ubeseyoze abhaliswe ngoNhlangulana wawo lo nyaka. 

“Lokho kwakho ukuthi ngeke ngisabhaliswa sengingaze ngibhaliswe ngoNhlangulana.

“Kodwa bathi ngingakhululeka ngiye ekhaya,” kuqhuba lo mdlali.

“Kulapho ke kwaqala khona izinkinga zami. Ngabatshela ukuthi njengoba bese ngihlale inyanga yonke, abasale sebenginxephezela ngomholo wezinyanga ezimbili ukuze ngithumele okuthile ekhaya.

“Incwadi yemvume yokungena kuleli engangifike ngayo yayizophelelwa yisikhathi.

“Bathi bona banencwadi engivumela ukusebenza eNingizimu Afrika, kodwa izikhulu esikhumulweni sezindiza abangayizwa leyo.

“Ngabe sengiyalelwa ukuthi ngihambe, kodwa uma ngifika esikhumulweni sezindiza ngacishe ngaboshwa njengoba incwadi yemvume yokuba sezweni yayisidlulelwe yisikhathi.” 

Uthi ummeli wakhe alufaka kwiFifa udaba, yabavuna. Kodwa iGalaxy yafaka isicelo sokuludlulisela phambili kwiCourt of Arbitration for Sport (Cas).

Nakhona kwakhonya iFifa, njengoba manje iGalaxy sekumele imkhokhele noma ingasayini mdlali kulamawindi amathathu ezayo. 

“Ngasayina ngomhla ka-17 kuMasingana, iFifa yabatshela ukuthi lokho kwabanika isikhathi esanele ukuthi bangibhalise.

“Kodwa bona amasonto amabili wonke abenzanga lutho. Bengingafuni kuze kufike lana.

“Mina ngacela nje umholo wezinyanga ezimbili bese ngiyaphuma kubo kodwa benqaba, bancamela ukungiphatha kabi.

“Ngazikhokhela ngokwami nendiza yokuza eNingizimu Afrika kodwa ngafike ngahlupheka, ngahlala ngingenakudla izinsuku.”