Ezintsha

USukazi ucacisa ekaSphe Maduna osayinwe begwetshiwe

USiphesihle Maduna ubengumdlali weCape Town Spurs edliwe yizembe kule sizini ka-2023/24.

UTim Sukazi uthi sebeqede konke ngalo mdlali wasesiswini othembisayo, kodwa kusenemathizethize okumele bawalungise bese bememukela ngokusemthethweni.

“Kumanje kubambezeleka ukuthi simethule ngokuphelele uMaduna wukuthi iFifa isigwebile amasizini amathathu singabasayini abadlali. 

“Kodwa ngizoyixazulula emavikini amabili azayo le nkinga yeTS Galaxy neFifa,” kusho uTim Sukazi. 

IGalaxy igwetshe kulandela ukutholwa inecala lokungakhokheli umgadli wase-Ivory Coast, uBernard Yao Kouassi.

“Sizoba sesikhululekile ukuletha nabanye abadlali esibadingayo kwiTS Galaxy,” kuthembisa uSukazi. 

Uthe abagcinile ngoMaduna ukusayina njengoba befuna ukuqhubeka nokuba ngcono nangesizini ezayo.

IGalaxy iqede endaweni yesithupha kwiDStv Premiership kulokhu, kanti yehlulwe kowamanqamu kwiCarling Knockout Cup ebidlalwa okokuqala kule sizini.

USiphesihle Maduna ushiya iCape Town Spurs ahlale kuyona isikhathi esingaphansi kwesizini. 

Ubeyijoyine maphakathi nesizini kulandela ukuchithwa kwakhe AmaZulu FC, okuyiwo amkhulisa.

Wafika Osuthwini eneminyaka engu-14, elethwa ngu-Ayanda Mkhize obengumhlwayi wekhono kuleli qembu. 

UMaduna wakhushulelwa eqenjini elikhulu laMaZulu nguCavin Johnson owayengumqeqeshi ngaleso sikhathi.

Waqala engumdlali othembisayo, waze wafunwa nguPitso Mosimane owayengumqeqeshi kwiMamelodi Sundowns ngaleso sikhathi.

Nokho kuhambe kwavela izinsolo ezingezinhle ngaye zokuhlulwa ukuziphatha nokuthanda ubumnandi ukudlula ibhola. 

Lokhu bekusolwa ukuthi yikho okumenze wehlelwa yizinga ekundleni. 

Okunye okumqathe nabaphathi boSuthu ngamahhebezi okuthi wayesevumelene neKaizer Chiefs ngokyijoyina. 

Kugcine ngokuthi abaphathi baMaZulu bamkhombe indlela afika ngayo, wabe esenqakwa yiSpurs.