Uphelele kwiSekhukhune u-Andy Boyeli obekhonjwa kwiChiefs
– Sibongiseni Gumbi
Unyazi lomgadli waseDR Congo, u-Andy Boyeli, usejoyine iSekhukhune United, kwaphela ngamahlebezi okuthi angase ajoyine iKaizer Chiefs.
ISekhukhune United imemezele ngoLwesine ukuthi u-Andy Boyeli usayine inkontileka yeminyaka emithathu.
Ujoyine esuka kwiPower Dynamos yaseZambia. UBoyeli, oshaye amagoli angu-18 ngesizini edlule, kulindeleke ukuthi aqhubeke nalo mgqigqo kwiDStv Premiership.
Nokho iSekhukhune ibingakamqinisekisi umqeqeshi wayo omusha ngemuva kokuhlukana noLehlohonolo Seema.
Inkontileka kaSeema ayingazange ivuselelwe kulandela ukungaboni ngasolinye nobuholi beqembu.
“Iqembu lifisa ukubonga ibhodi labaqondisi leDynamos ngendlela esezingeni eliphezulu izingxoxo ngoBoyeli ezisingathwe ngayo,” kusho iBabina Noko esitatimendeni.
Lokhu kusayina kuqeda ukuqagela kokuthi uBoyeli, oneminyaka engu-23, ulibangise kwiKaizer Chiefs.
Bekunamahlebezi okuthi lo mgadli ungenye yezinguquko ezizokwenzeka eNaturena njengoba kulindeleke ukuthi kufike umqeqeshi uNasreddine Nabi nephini lakhe uFernando Da Cruz.
“UBoyeli ujoyine iBabina Noko ngenkontileka yeminyaka emithathu futhi kulindeleke ukuthi afike eGoli ekuqaleni kwesonto elizayo.
“Uzojoyina ozakwabo abasha ekhempini yokulungiselela isizini ngemuva kokuhlaba ikhefu ezweni lakubo,” kwengeza lesi sitatimende.
UBoyeli, oqokwe njengoMdlali woNyaka ka-2022/23 kwiZambian Super League, ube ngumshayi magoli ohamba phambili kwiDynamos kumasizini amabili edlule.
IBabina Noko izobe ithembele eqophelweni likaBoyeli lokushaya amagoli njengoba ilungiselela ukubuyela kwiCaf Confederation Cup ngo-Agasti, kulandela ukuqeda endaweni yesine kwiligi.
Nokho izindaba ezibhekwe kakhulu kwiSekhukhune ngezomqeqeshi omusha njengoba imataniswa nabambalwa kuleli nangaphandle.
Kwabakuleli kukhona uSteve Komphela obekwiGolden Arrows ngesizini edlule.
OLUNYE UDABA: USukazi ucacisa ekaSphe Maduna osayinwe begwetshiwe
Kukhona noGavin Hunt weSuperSport United kanti noLuis Goncalves – oke waqeqesha uCristiano Ronaldo phambilini – naye uyabalwa kwabafuna lo msebenzi.