Ezintsha

UMosa Lebusa uveza okwenze bawethembe ‘amacebo’ kaRulani

Kodwa ngokusho kukaMosa Lebusa, kunento eyenzeka eyenza bagcine sebemethemba lo mqeqeshi ngisho eseqhamuka namacebo abangawezwa kahle. 

UMokwena ubekwisizini yakhe yokuqala ecija iSundowns ngokuzimela futhi wenze kahle kakhulu.

Uqede isizini nezindebe ezimbili – eyeDStv Premiership neyeCaf African Football League (AFL) – wacishe waqeda imidlalo yeligi engahlulwanga. 

ISundowns ize yahlulwa osukwini lokugcina lwemidlalo yeligi, iguqiswa yiCape Town City. 

UMosa Lebusa uthi kuke kwanesikhathi la bese beqala ukushaya amakhala ngamacebo kaMokwena. 

“Siyazi ukuthi useke waqhamuka namacebo amangazayo asishiye sithi, ‘hhayi lo muntu lo’,” kusho uLebusa kwabe-iDiski Times.

“Ukukunikeza indaba ephelele nje, kukhona isikhathi la besidlala owamanqamu kwi-AFL, sidlala umlenze wesibili.

“Waqhamuka necebo elihlukile lokubacindezela, ethi izitobha zamaphakathi zabo kumele zicindezelwe unombolo 8 wethu.

“Kuthe sesizicija okokugcina, wabona ukuthi ayidlaleki lento afuna siyidlale. 

“Wabe esesitshela ukuthi, ‘lena yiyona kuphela indlela esizothola ngayo igoli kulo mdlalo’. 

“Kodwa nalapho sasingayiboni le ayishoyo. Sabuye samisa ukuziqeqesha sahuluma sodwa singabadlali sathi, ‘asimthembeni, cishe kuzosebenza nje’.

“Safika emdlalweni, kwaba u-Aubrey (Modiba) owayecindezela izitobha zabo zamaphakathi nenkundla.

“Uyalikhumbula igoli lesibili? Wathola ibhola, washaya elihle igoli,” kuchaza uMosa Lebusa. 

Ngemuva kokubona leli cebo ababezitshela ukuthi liwumsangano nje lisebenza, abadlali bajika ukucabanga ngoMokwena.

“Kusukela lapho, sibe seimethemba ngokugcwele. Zonke izinqumo abeqhamuka nazo, noma ngabe sizibona ziwumbhedo kanjani, besisebenza ngazo.”