UJomo Biyela uveza uvo lwakhe ngezigwebo zeFifa
– Intatheli yeLisenethini
Usihlalo weRichards Bay FC, uJomo Biyela, useveze okusha mayelana kwaleli qembu yiFifa ekusayineni abadlali.
Lesi sigwebo esesithanda ukuba yinsakavukela kuleli, iRichards Bay isithole ngoMbasa kanti uJomo Biyela uthi siwubala.
Kodwa ekhuluma nezintatheli ngoLwesithathu ntambama ngemuva kokuqinisekiswa kokuthi iqembu lakhe liyahlala kwiDStv Premiership, uBiyela ucacise ngalesi sigwebo.
Lesi sigwebo iRichards Bay yasithola kulandela ukuhluleka ukukhokhela umdlali waseKenya u-Ovella Ochieng.
U-Ochieng wahlala izinyanga eziyisithupha kuphela kwiRichards Bay ngaphambi kokuthi akhululwe ekupheleni kwesizini ka-2022/23.
UJomo Biyela ukuqinisekisile ukuthi iqembu selisiqedile isikweletu sika-R230 000 ebelisikweleta u-Ochieng.
“Cha, sesiyilungisile leyo. Bekungesona isigwebo esisindayo njengamanye amaqembu akweleta izigidi,” kusho uJomo Biyela.
“Bekungu-R230 000 (osukhokhiwe) ngakho sizokwazi ukusayina abadlali.”
Njengoba lesi sigwebo sanda kwiPSL, uBiyela usola abadlali ngobuqola.
Uphinde wathi nabo njengabaphathi bamaqembu kumele bazinuke amakhwapha.
“Ngicabanga ukuthi laba badlali abanalo iqiniso. Nathi singosihlalo nabaphathi bamaqembu (kumele siqaphele)…
“Angifuni ukuzwakala njengomuntu ocwasa abadlali bangaphandle, kodwa asinayo lenkinga ngabadlali bakuleli.
“Lokho kungenxa yokuthi siyakwazi ukuhlala nabo abakuleli sixoxe ngokushiya kwabo.
“Manje laba, bafika la bahluleke wukudlala – umuntu adlale imidlalo emibili kwengu-20 yeqembu.
“Bese uhlala naye phansi uthi, ‘buka, izinto azihambi ngendlela ebesifisa ngayo sonke, asikunxephezele ngomholo wezinyanga eziyisithupha’.
“Kwesinye isikhathi bayavuma basayine, kodwa bese beya kwiFifa.
“Ngizosola abadlali naglokho, kodwa nakithi kumele kube yisifundo.
“Yize kumele sibalalele abahlwayi bekhono, kodwa kumele siqinisekise ukuthi siletha umdlali ozokwengeza kwesingenakho – ozosisiza.
“Yilapho inkinga la ikhona. Usayina umuntu (ongamazi) uma eselapha ubone ukuthi ngeke aze akusize ngalutho. Kodwa usuke sewumsayinile.”
OLUNYE UDABA: Uphelele kwiSekhukhune u-Andy Boyeli obekhonjwa kwiChiefs
Ukulungiselela isizini ezayo, iRichards Bay seyivele isisayinise abadlali ababili abasha, oFezile Gcaba noSbani Khumalo abaphuma kwiMkhumbane Classic FC edlala kwiKZN ABC Motsepe League.