UBernard Parker usemanqika ngokujiba amakhokho emgibeni
– Intatheli yeLisenethini
Umgadli weTS Galaxy, uBernard Parker uyavuma ukuthi akakasithathi isinqumo esingujuqu mayelana nokudlulela ekuqeqesheni ngesizini ezayo.
UBernard Parker uthi kusekhona amaqembu asabuza ukuthi angeke yini eze ezowasiza njengomdlali.
Lo mdlali oneminyaka engu-38, unikezwe ithuba lokungena ethimbeni labaqeqeshi beDStv Diski Challenge benoVuyo Mere ngesizini ezayo.
Usihlalo weqembu, uTim Sukazi ugcizelele ukubaluleka kwesipiliyoni sikaParker noMere ekuthuthukiseni abadlali abalandelayo.
Nokho kunamahlebezi okuthi lo mdlali owake wagijima kwiBafana Bafana ufunwa amanye amaqembu ukuba azodlala.
Ekhuluma nabe-iDiski Times, uParker uthe ngeke akuphike noma akuvume lokhu.
“Sengike ngahlala phansi nabomndeni wami, futhi njengamanje sekulele mina ukuthatha isinqumo esifanele,” kusho uParker.
“Kunezingxoxo, kukhona abangifunayo kodwa manje kulele kimi ukuqinisekisa ukuthi ngithatha isinqumo esifanele.
“Ngenza isiqiniseko sokuthi ngifunda konke engingakufunda ukuzihlomisa ngolwazi.
“Njengamanje ngineziqu zeSports Management, Sports Marketing, Sports Nutrition, Personal Training, Exercise Science, Life Coaching, Sports Psychology…
OLUNYE UDABA: OweBaroka ucasha ngesithupha ngekusasa likaMammila
“Ngingaqhubeka nezinye. Sengineziqu zeCaf C License. Ngihlezi ngenza isiqiniseko sokuthi ngiyazihlomisa ngolwazi ngayo yonke indlela engingakhona ngayo.”