Ezintsha

‘Ubanyisa’ ngomswenko ogajwe yi-Orlando Pirates

I-Orlando Pirates seyikhulule abadlali abayisithupha kanti kusalindeleke nabanye babalandele njengoba leli qembu lizihlela kabusha. 

UDesh, okuyigama uMonare aziwa ngalo ebholeni, ubengomunye wabadlali asebenamava kwiBucs .

Nokho ngokudlondlobala kwabadlali abasebancane njengoThalente Mbatha noGoodman Mosele obebolekiswe kwiChippa United, isikhala sakhe siphelile eqenjini likaJose Riveiro. 

Kodwa ngenxa yekhono namava akhe, akufanele ukuthi kuzomthatha isikhathi eside kakhulu uMonare ukuthola elinye iqembu.

Kuvele kumanje kunamahlebezi okuthi uGavin Hunt uyamfuna kwiSuperSport United. 

Laba bobabili bake basebenzisana futhi bawina isicoco seDStv Premiership ndawonye kwiBidvest Wits. 

Njengoba engomunye wabangasadingeki kwi-Orlando Pirates, uDesh uyaqhubeka nokuzidlela umswenko kwi-Intsagram.

Vele yinto adume ngayo kule nkundla yezokuxhumana ethathwa ngokuthi ngeyomntakabani. 

Kwesinye sezithombe azifake kamuva, uMonare uswenkile wabe esesiphelezela ngombhalo othi, ‘Ngivemeleni ngizethule kabusha’.

Kube sekuphendula abalandeli kodwa iningi labo ngabadlali abangozakwabo bamanye amaqembu.

U-Aubrey Ngoma weSuperSport United uphendulile naye, ethi “uChuck Norris ungifonelile ethi ngikucele ubuyise amabhuzu akhe.”

Umqeqeshi, uGavin Hunt yena uvele wathi ‘Monare’ wabe esefaka ne-emohi ehlekayo. 

Kwesinye isithombe asifaka ngesikhathi kusanda kuvela ukuthi ukhululiwe kwiPirates, uMonare wasiphelezela ngombhalo okhomba ukuthi akadangele kangako.

“Ungakhathazeki ngokuthi sekuphelile, jabulela ukuthi kwenzekile,” kubhala lo mdlali oneminyaka engu-34 odabuka Embalenhle, eMpumalanga. 

Kubhekwe ngabomvu ukuthi uzophelela kuliphi iqembu njengoba esededelwe yiPirates.