Okwenze iChiefs ishwebe umgadli othathwe yiSekhukhune
– Intatheli yeLisenethini
Sekuvele okwenze ukuthi iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates begcine behlulwe yiSekhukhune United embangweni womgadli osatshwayo waseDR Congo.
Abaphathi baka-Andy Boyeli baveze ngoLwesine emini ukuthi lo mgadli usesayine kwiSekhukhune, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates basala bencela izithupha.
Nokho kuyavela ukuthi iPirates yona beyivele ingasenendaba nalo mgadli, seyibheke ukumthola kwenye indawo.
Kungenzeka futhi nokuthi igcine ingaqinisanga phambili njengoba ivele ihlome iphelele.
Njengamanje iBucs inoZakhele Lepasa, uTshegofatso Mabasa, no-Evidence Makgopa kanti kubuya noBoitumelo Radiopane obebolekiswe kwiCape Town Spurs.
IKaizer Chiefs yona kuthiwa beyisazibhekile kulo mgadli, kodwa ukubamba iyeke kwenze abaphathi bakhe bakhohlwe yiyo.
Ngokubika kweSoccer Laduuma abaphathi bakaBoyeli bebejahe ukuthi bamtholele iqembu ngakho bebengeke balinde Amakhosi.
“IChiefs yenze kancane kanti iPirates yona iphelelwe yintshisekelo endleleni,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Yingakho ke manje iSekhukhune kuyiyo ehamba phambili. Imenenja yomdlali nabaphathi bamaqembu bebelokhu bexoxa ngokuthi ayodlala eNingizimu Afrika.”
Omunye umthombo uthe iPower Dynamos, la abedlala khona uBoyeli kule sizini, ichazwe intshisekelo yeSekhukhune.
“IPower Dynamos beyingafuni ukulinda iChiefs isikhathi eside ingazi kwenzakalani.
“Bebengazi ukuthi izimisele kangakanani kanti beyinesiqiniseko sokuthi iSekhukhune izimisele ngampela.
“Yingakho ke egcine ephelele kuyo nje.” UBoyeli ushaye amagoli angu-18 kule sizini kwiligi enkulu yaseZambia.
Mhlawumbe okwenze iChiefs ihudule izinyawo kulokhu wukuthi abagadli ebalande eZambia muva nje bafike bayenzela phansi.
Kwaqala ngoLazarous Kambole owahluleka wancama ukungena eqenjini eliqala imidlalo ekubeni ayefike ethwelwe ngeqoma.
OLUNYE UDABA: ‘Ubanyisa’ ngomswenko ogajwe yi-Orlando Pirates
NoChristian Saile akakakhombisi ukuba bukhali kangako kanti naye ufike kuyo esuka khoona eZambia.