ElaseMorocco lizoncenga uNabi angayi kwiChiefs
– Intatheli yeLisenethini
IKaizer Chiefs kukholakala ukuthi isikulungele ukuqoka uNasreddine Nabi njengomqeqeshi wayo omusha.
Isimemezelo seKaizer Chiefs ngoNasreddine Nabi silindeleke ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.
Nakuba isivumelwano singakamenyezelwa okwamanje, kukholakala ukuthi sekuvunyelwene ngakho konke phakathi kweChiefs noNabi.
Kuvela ukuthi into esime endleleni okwamanje wukuthi uNabi usenomdlalo owandulela owamanqamu kwiThrone Cup eqenjini asebenza kulo njengamanje iFAR Rabat eMorocco.
Leli qemu likaNabi lizobhekana neMahgreb Fes ngomhla ka-23 kuNhlangulana. Kukholakala ukuthi lona ngumdlalo wakhe wokugcina ephethe ompetha baseMorocco uma ehluliwe.
Ngemuva kwalokho kulindeleke ukuthi afike eNaturena bese eqala lo msebenzi onzima wokuvuselela Amakhosi.
Sekuke kwabikwa ukuthi iKaizer Chiefs seyikwenzile okunye okucelwe uNasreddine Nabi, okuwukkumtholela iphini alifisayo.
Kukholakala ukuthi sekuseduze ukuthi Amakhosi amemezele ukuqashwa kukaFernando Da Cruz.
Lo mqeqeshi odabuka eFrance kulindeleke ukuthi afike eNaturena maduze nje ukuze abe eqala amalungiselelo, ngemiyalelo kaNabi.
Kodwa manje ngokubika kweSoccer-Laduma i-AS FAR Rabat isanethemba lokuthi uNabi angayigabha iChiefs ahlale kuyo.
“Kubukeka sengathi ikilabhu (i-AS FAR) ikholelwa ukuthi umqeqeshi waseTunisia (uNabi) nguyena ongayisa phambili.
“UNabi uzohlala phansi nezikhulu ze-AS FAR ngemuva komdlalo wabo neMaghreb Fes ngeSonto.
“Kulapho izikhulu zizozama khona ukumncenga ukuthi aqhubeke njengoba bebheke indlela eya phambili yeqembu.
“Kuke kwaba namahlebezi okuthi i-FAR neChiefs sebevumelene ngesinxephezelo ngalo mqeqeshi.
“Ngakho-ke kubukeka kuzoba kuyena ukuthi unquma ukuhlala eRabat noma ukhetha ukuya eGoli,” usho kanje lo mbiko.
OLUNYE UDABA: UMosa Lebusa uveza okwenze bawethembe ‘amacebo’ kaRulani
Kodwa njengoba uDa Cruz kubikwa ukuthi usefikile kwiChiefs, kubukeka kungaselula ukuthi uNabi ajike umqondo.