Ezintsha

UMorgan Mammila ugudle uMalesela ngesimo seBaroka

UMorgan Mammila uhlulekile wukwenza umlingo wokufaka iBaroka kwiDStv Premiership njengoba ehluliwe kweyokuhlunga.

IBaroka iye emdlalweni wokugcina weligi yamaqembu amathathu edinga ukunqoba ngamagoli amabili kuyaphezulu.

Kodwa uthole isibhaxu esiyihlazo kwiRichards Bay, emshaye ngo 4-0 ukuqinisekisa ukuthi ayiphumi kulesi sigaba esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleli. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo obungoLwesithathu ntambama, uMorgan Mammila ubuzwe ngekusasa lakhe. 

Ube eseveza ukuthi engajabula ukuqhubeka neqembu ngoba uyalibona lapho libheke khona, wabe esegadla nakuDan Malesela.

UMalesela uyena obecija leli qembu ngaphambi kokuthi axoshwe yize ayelisuse emsileni kwiMotsepe Foundation Championship, walibeka ezindaweni zemidlalo yokuhlunga. 

“Bekumele sivuleleke kulo mdlalo ngoba bekumele sishaye amagoli amaningi,” kusho uMorgan Mammila. 

“Kodwa ngeshwa besingekho ezingeni. Mhlawumbe yindlela esihambe ngayo izolo (ngoLwesibili beya eThekwini).

“Sisuke (eLimpopo) ngo-7 ekuseni, sathatha indiza (eGoli) ngo-1 ntambama, safika ehhotela ngabo-5 ntambama. Asizange sisakwazi nokuziqeqesha. 

“Kodwa ke ngicabanga ukuthi iRichards Bay beyingcono kunathi, futhi ishaye amagoli amabili enze kwanzima kakhulu kithi.” 

UMammila udlalise inqwaba yabadlali abasebancane ngeminyaka kulo mdlalo, okuyisenzo athi esokulungiselela ikusasa leqembu.

“Bakhona bona kodwa kusekuningi okumele bathuthuke kukho. Bayikusasa leqembu.

“Kodwa uma beseneminyaka engaphansi kuka-23 kodwa sebedlala kanje, kuyethembisa. 

“Kunezinyanga eziyisikhombisa zebhola ezizayo – okuzoqala ngezimbili zokulungiselela isizini.

“Sizobe sesingcono kakhulu,” kuchaza le nsizwa eyaqala iyisikhulu esiphezulu ngaphambi kokujikela ekuqeqesheni.

“Ngisazohlala phansi nosihlalo sixoxe ngekusasa kodwa ngiyabona leli qembu lidinga okuningi ukulingiswa, liqalwe phansi.”