Ezintsha

UFadlu ufanisa uNabi nowayeqeqesha iChiefs phambilini

UNasreddine Nabi ngomunye wabaqeqeshi abamataniswa nomsebenzi weKaizer Chiefs kanti abanye babika ukuthi usevele uyisayinile inkontileka.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-58 odabuka eTunisia kubikwa ukuthi uzotheleka kuleli ngesonto elizayo ukuzoqala lo msebenzi wakhe wokuvusa Amakhosi. 

Akukuningi ke okwaziwayo ngesitayela sikaNasreddine Nabi ebholeni lakuleli. 

Okwaziwayo ngoNasreddine Nabi wukuthi wenze umsebenzi oncomekayo kwiYoung Africans yaseTanzania abeqeqesha kuyo ngesikhathi iChiefs imnombola okokuqala. 

Unqobe izicoco ezimbili – eseligi nendebe – iminyaka emibili kulandelana ngaphambi kokudlulela eMorocco.

Nakhona akenzanga kabi njengoba elale isibili kwilogi, kanti usesigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu endebeni yakhona. 

Manje uFadlu Davids, naye osebenza eMorocco kwiRaja Casablanca la eyiphini likaJosef Zinnbauer, uthi isitayela sikaNabi siyefana nesikaMazinyo. 

“Amaqembu akhe adlala ibhola eliqonda ngqo uma kukhulunywa ngokuhlasela nokushaya amagoli,” kusho uDavids kwiRadio 2000 muva nje. 

“Iqembu lakhe yilona elishaye amagoli amaningi kwiligi, kodwa iningi lawo abewhamuka emabholeni abekwe phansi namaphenathi. 

“Bebeqonda ngqo uma ubaqhathanisa nesitayela sethu ebesisidlala kule sizini kodwa bebekwazi ukuthola imiphumela.

“(Uma efika kwiChiefs) Ungalindela iqembu eliya phambili futhi elidlalela ukushaya amagoli.” 

Uqhube wathi indlela iqembu likaNabi elidlala ngayo iyefana nesetshenziswa uMidderndorp oseke waqeqesha kwiChiefs amahlandla amabili.

Ehlandleni lakamuva, uMazinyo wacishe wasidla isicoco seligi edlala lona ibhola eliqonda ngqo elingadle ngamjiko. 

UDavids useke wasebenza noMiddendorp izikhawu ezimbalwa ngakho umazi kahle.

“Uma kunebhola elibekwe phansi elihlaselayo, bazoba yingozi enkulu.

“Ngicabanga ukuthi (isitayela sikaNabi) siyefana nesikaMiddendorp ngesikhathi behlulwa yiligi ngosuku lokugcina.

“Babeshaya iningi lamagoli uma bebekelwe ibhola phansi, futhi ngicabanga ukuthi bazodlala ibhola elifanayo…

“Bazodlalela ukushaya amagoli bathole umphumela nje qha,” kuchaza lo mqeqeshi oseneziqu ze-Uefa Pro License.