DStv PremiershipEzintsha

UZungu uchaza okwenza Usuthu lugweme ukushoda kwemali

USandile Zungu usanda kuveza ukuthi kuleli qembu lakhe yena yonke into ethinta imali idlula kuye ukuze azi ukuthi yenzeni.

Ekhuluma noVictor Molefe kwiPrime Sports Show kuKhozi FM muva nje, uthe uyayiqaphelelisa imali ekilabhini yakhe. 

“Njengomengameli weqembu ngifuna kudlule kimi noma yini engase iphazamise Usuthu,” kusho okaManzini. 

“Lokho angikwenzi ngoba ngifuna ukuphatha abantu ngaso sonke isikhathi, kodwa ngoba impumelelo noma ukwehluleka koSuthu kuncike endleleni esiphatha ngayo imali yethu. 

“Uma ubheka amaqembu afana neSwallows azithole enezinkinga zemali maphakathi nesizini…

“Akuyona iSwallows kuphela kodwa angifuni ukukhuluma ngamanye. 

“Ngokujwayelekile izinkinga ababhekana nazo zisuke zibangelwa wukushoda kwemali. 

“Lokho kube sekufaka ehlazweni abanikazi beqembu. 

“Kodwa-ke kumele uzibuze ukuthi uma bephoxeka ngalokhu, bebekuphi ngesikhathi kuxhashazwa imali?

“Ngakho-ke njengomengameli woSuthu ngifuna wonke umuntu ekilabhini aziphendulele ngemali yethu.

“Kumele ngazi yonke into kusukela emaholweni abadlali, ukuthi abadlali sibasayinisa ngamalini, nokuthi amanye amakilabhu akhokha malini ukuthenga abadlali bethu…” 

Usuthu lukhulule uVeluyeke Zulu, uGeorge Maluleka nomgadli u-Augustine Kwem, kanti lusayinise umgadli oneminyaka engu-28 uSenzo ‘Mbhobho’ Ndlovu obegijima kwiSinenkani FC edlala kwi-ABC Motsepe Foundation. 

Yize uZungu engafuni ukucwasa ezinye izifundazwe kodwa ulibeke ngembaba elokuthi inhloso yabo wukuvundulula ithalente eliningi KwaZulu-Natal.

“Asifuni ukucwasa ezinye izifundazwe, kodwa sizokubeka phambili ukuhlwaya eKZN ukuze sikwazi ukuxazulula izinkinga zethu.”