Sekusezandleni ze-PSL ukudayiswa kweMoroka Swallows
– Intatheli yeLisenethini
Isiphetho sokudayiswa kweMoroka Swallows sesisezandleni zesigungu esiphezulu esengamele iPremier Soccer League (PSL) ngokusho kwemibiko yakamuva.
Ngesonto eledlule, kuvele ukuthi mancane amathuba okuthi iMoroka Swallows ibuye ngesizini ka-2024/25.
Lokhu kungenxa yokuthi umnikazi wayo, uDavid Mogashoa esekulungele ukwamukela izicelo kwabafisa ukudayiselwa isitifiketi sayo sokudlala kwiDStv Premiership.
Ngokubika kweSABC Sport, izingxoxo bezilokhu ziqhubeka nabathile abanentshisekelo yokuthenga iMoroka Swallows.
Kubo kukhona u-Abram Sello noFarook Kadodia, bobabili abanamaqembu adlala kwiMotsepe Foundation Championship.
USello ongumnikazi weMarumo Gallants kanti uKadodia yena uphethe iMaritzburg United futhi bamagange ukubuyisela lamaqembu abo kwiPremiership.
ISABC Sport ibika ukuthi uSello nguyena ohamba phambili embangweni, njengoba ezimisele ukukhipha okufiswa uMogashoa.
Kukholakala ukuthi ufina imali engaphezu kuka-R40 million okuyintengo ejwayelekile yokuthengisa iqembu lePremiership.
Yize kungacaci ukuthi ngubani phakathi kukaKadodia noSello osenqobe lo mbango, kodwa kuvela ukuthi izincwadi zokudayiselana sezifakiwe kwi-PSL.
Isinyathelo sokugcina wukugunyazwa yisigungu esiphezulu sePSL, okulindeleke ukuthi sibuyekeze imininingwane ezinsukwini ezizayo.
Nokho kuzwakala sengathi uSello ozothola lesi sitifiketi esizobuyisela iGallants esigabeni esiphezulu sebhola elikhikhelayo kuleli.
UMogashoa uphoqelekile ukuthi adayise ngenxa yenkinga yemali iSwallows ebhekene nayo.
Lokhu kumphoqe ukuthi agcine engena emalini yakhe eseceleni nakweyamanye amabhizinisi akhe angahlangene nebhola.
Kunemibiko ethi inkinga yemali iqonge kakhulu kulandela ukunqatshwa kwabaxhasi ayebatholele iSwallows okuyiTelkom neGold Rush.
OLUNYE UDABA: UShaun Bartlett akamboni ongaphula elikaMcCarthy kwiBafana
I-PSL yabachitha bobabili ngokuthi baphambana nemigomo nemibandela yoxhaso.