DStv PremiershipEzintsha

OweRichards Bay ugadle kumasipala bevika izembe

Nakule sizini i-Richards Bay idlale imidlalo yayo yasekhaya eThekwini ngenxa yokungalungi kweMhlathuze Sports Complex.

Le nkundla yiyo leli qembu elidlalela kuyo, kodwa yagcina ingaphasiswanga yi-PSL ekuqaleni kwesizini edlule.

Nakulena ibingakalungi ukuthi ingasebenziseka. INatal Rich Boyz ize yazithola idlala imidlalo yokuhlunga la ikwaze khona ukuvika izembe. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo oqinisekise ukuthi bayaqhubeka kwiDStv Premiership, uBiyela ugadle kumasipala wangakubo.

“Angiqale nokubonga bonke abalandeli bethu. Ukuthi sidlala kahle noma sidlala kabi, bebehlezi benathi,” kusho uJomo Biyela. 

“Uma kuyabadlali, ngingubaba kubo bonke. Sisuka kude nabo futhi nabasafika sebeyalwazi usiko lweqembu.

“Umqeqeshi nethimba lakhe benze umsebenzi omuhle uma ukhumbula ukuthi sisukaphi sihlulwa. 

“Ngijabule ngabakwenzile kuze kube lapha,” kuchaza lesi sikhulu. 

Sibe sesigadla kumasipala wasMhlathuze, siwusola ngokuthi iqembu likulenkinga nje kungenxa yawo. 

“Kodwa inkinga esinayo – okumele izikhulu zikamasipala waseMhlathuze ziyemukele ukuthi ingenxa yazo – wukuthi asinayo inkundla yebhola. 

“Sizithole kule nkinga ngenxa yokuthi asinayo inkundla endaweni yethu (eRichards Bay). 

“Lokhu kusho ukuthi sidlale imidlalo engu-30 yasekuhambeni kwiligi kule sizini.

“Uma bengaseseka, baqonde ukuthi lento ayikho ngomuntu oyedwa noma othile, kodwa ngeyomphakathi… Ngicabanga ukuthi singenza kangcono.”

Ukubuyela emdlalweni, iRich Boyz inqobe ngo 4-0 kwiBaroka emdlalweni ebidinga ukudlala ngokulingana kuwo bese iyasinda. 

Igoli lokuqala kulo mdlalo lishaywe uSomila Ntsundwana ngomzuzu ka-37, kwacaca ukuthi iRich Boyz izimisele ukuhlala kwiPremiership. 

Kuthe iBaroka seyibheke ukuya ekhefini isangenelwe yigoli elilodwa, wabuya uSanele Barns washaya elesibili. 

Kubhimbe zisuka kwezikaMammila esiwombeni sesibili ngesikhathi uNtsundwana eshaya elesibili ngomzuzu ka-62. 

ULwandile Mabuya ushaye elesithathu sekusele imizuzu emihlanu umdlalo uphele futhi libe yisipikili sokugcina. 

IBaroka yamisa uDan Malesela ngemuva komdlalo wokuqala kule yokuhlunga kulandela ukushaywa yi-University of Pretoria.

Yabe seyilanda uMorgan Mammila ukuba azoyicija, kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya njengoba ihlulekile ukubuya. 

Isazoqhubeka nokudlala kwiChampionship nangesizini ezayo kanti uMammila uthe usazozwa kusihlalo weqembu ukuthi uyahlala yini.