I-Orlando Pirates nesinqumo esinqala ngomgadli osemncane
– Sibongiseni Gumbi
Yize kunamaqembu amfunayo, umgadli osemncane we-Orlando Pirates usefake abaphathi ingcindezi yokunquma ukuthi bayamgcina noma bayamdedela.
Lo mgadli ubebolikiswe yi-Orlando Pirates kwelinye iqembu ngesizini edlule kanti yize ephuzile ukudlala, ukhombise ukuba bukhali.
UBoitumelo Radiopane ubekwisizini yakhe yesibili ebolekiswe kwiCape Town Spurs kanti manje usebheke ukubuyela kwiPirates ngokugcwele.
Kuvela ukuthi ufuna ukuzibonakalisa ukuthi naye ukufanele ukudlala kuleli qembu manje.
Ngaphambi kokubolekiswa, uRadiopane ubegila izimanga eqenjini lenkulisa lePirates elidlala kwiDStv Diski Challenge.
Ngokuthola kweLisenethini, ukubona uRelebohile Mofokeng enza kahle eqenjini elikhulu kumfake umfutho wokuthi naye azibonakalise.
“Uzokhumbula ukuthi nguye obevutha futhi abalandeli befisa ukumbona eqenjini elikhulu ngaphambi kukaMofokeng.
“Manje naye usefuna lelo thuba, ukholwa wukuthi ufundile kulesi sikhathi asihlale kwiSpurs,” kusho umthombo.
URadiopane uyiqale elimele isizini edlule kodwa wabuya emzuliswaneni wesibili, futhi wabonakala engumdlali omuhle.
Ubengomunye wabadlali angabakhohlwa umqeqeshi u-Ernst Middendorp eqenjini aqala ngalo imidlalo.
Manje ngesizini ezayo kumele abuyele kwi-Orlando Pirates, kodwa abaphathi abazi noma bamgcine noma baphinde babolekise ngaye.
“Kumanje bamatasa bahlanganisa iqembu ukuze liye ekhempini yaphesheya seliphelele,” kusho umthombo.
“Lokho kuphoqa ukuthi bazi abadlali abahambayo nabasalayo kusenesikhathi ngoba ikhempu yaphesheya izoqala ngasekuqaleni kukaNtulikazi.”
IPirates ivele ime kahle phambili njengoba ihlome ngabagadli abahalelwayo kwamanye amaqembu.
Kodwa njengoba idedele uSouaibou Marou noKermit Erasmus, kungenzeka uRadiopane avaliswe esisodwa salezo zikhala.
OLUNYE UDABA: IKaizer Chiefs nezinhlelo ‘zokukopela’ komkhaya bayo
Kubagadli azobangisana nabo ijezi uma ehlala kukhona oZakhele Lepasa, Tshegofatso Mabasa no-Evidence Makgopa.