Ezintsha

Uveza okwenze acelele uMofokeng ijezi kwiBafana

URelebohile Mofokeng ungene umdlalo usuyophela iBafana ibhekene neZimbabwe emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba. 

Nokho umdlalo uwuqale ebhentshini futhi bekungabonakali ezongena yize iBafana beyisihamba phambili ngo 3-1.

Kodwa uWilliams ube eseya ebhentshini, wafika wanxusa umqeqeshi uHugo Broos ukuthi akayizwise le ntwana umdlalo. 

Okumangazayo ke ngalokhu wukuthi bekungakapheli sikhathi esitheni lo mfanyana ebukise ngaye uWilliams. 

URelebohile Mofokeng washaya elihle igoli kuye uWilliams emdlaweni wanqamu weNedbank Cup wezakhe neMamelodi Sundowns. 

Kodwa lokho ke vele kusala ngaphandle uma sekulwelwa izwe, njengoba uWilliams ekhombisile nje.

“Ukufanele ukudlala uma ubheka isizini abe nayo kule minyaka emincane anayo,” kusho uWilliams kwabeSABC Sport. 

“Kuthe uma ngihlangana futhi ngixoxa naye ekhempini yeBafana, ngathola ukuthi ukungumuntu ohlezi ezijabulele, futhi akufunayo wukudlala ibhola qha. 

“Akukho ukuziphakamisa, akenyeli (uma engadlali), uzijabulele nje futhi uzifunela ukudlala ibhola – ngiyakuthanda ke lokho. 

“Wehlukile kwabanye abadlali abangangaye, ujabulela ukubona ibhola lisezinyaweni zakhe nje kuphela. 

“Bengimbhekile iviki lonke ekhempini, ngichazwe yindlela aziphatha ngayo, ungenza ngikujabulele ukumbona nsuku zonke.

“Kuyangijabulisa ukumbona ngoba uhlezi ejabule, emoyizela ngaso sonke isikhathi.”

Eqhuba, uWilliams uchaze uMofokeng njengomdlali onesibindi nozethembayo ngekhono lakhe.

“Akanavalo futhi uhlezi efuna ukudlula ezimbangini, ufuna ukudlala ngendlela yakhe, futhi yilokho esikufuna kuye (kwiBafana).

“Ngakho kuthe uma efika ekhempini, ngathi kuye, ‘Bheka, ukufanele ukuba lana, yenza lokhu obukwenza ekilabhini yakho’. 

“Ngijabule ukuthi udlalile okokuqala (kwiBafana). Ngiyazi kubaluleke kanjani ukudlala okokuqala. 

“Futhi bekuwusuku oluhle kakhulu – isimo enkundleni besijabulisa futhi bengazi ukuthi abalandeli bayafuna ukumbona.”