UTito uphawula ngesizini yakhe yokuqala kwiPirates
– Sibongiseni Gumbi
UPatrick, uTito, Maswanganyi ngomunye wabadlali abagqame kakhulu kule sizini esongwayo kwi-Orlando Pirates.
UTito ufike kwi-Orlando Pirates evela kwiSuperSport United ngaphambi kokuqala kwesizini futhi bambalwa abebebheke izimanga agcine ezigila.
KwiSuperSport uTito ubengomunye wabadlali abalithola amacozucozu ijezi ngaphambi kokulandwa yi-Orlando Pirates.
Uthi kwayena kumthusile ukuthi agcine esengomunye wabadlali abawumgogodla weqembu likaJose Riveiro.
Leli qembu liqede isizini nezindebe ezimbili – eyeMTN8 neyeNedbank Cup – laphinqe laqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership.
Isizini iphela nje uMaswanganyi usengomunye wabadlali abayizintandokazi ebholeni lakuleli futhi uqokelwe ezindondweni zePSL.
Ekhuluma ohlelweni lwePirates olubheka isizini yonke oludlala kwiSuperSport TV, uMaswanganyi uthe naye kumthusile ukusheshe angene eqenjini eliqala imidlalo kwiBucs.
“Mina ngesikhathi ngifika, bengingakholwa ukuthi ngingaqala imidlalo lapha,” kusho yena.
“Ngisho ngemuva kwekhempu yaseSpain, eyaba yinhle kakhulu, angizange ngizibone ngingumdlali oqala imidlalo.
“Ngangizitshela ukuthi kuzongithatha isikhathi ukungena eqenjini eliqala imidlalo.
“Bengizimisele ngokuzikhandla ukulwela ukungena, ngilinde isikhathi sami.
“Kodwa ukusebenza ngokuzikhandla, nokuzimisela kungisizile ukusheshe ngingene eqenjini eliqala imidlalo.
“Manje angisafuni ukuphuma eqenjini eliqala imidlalo. Ngifuna ukuhlezi ngidlala.
“Ngizoqhubeka ngizikhandle, ngisebenzele ukuhlezi ngidlala,” kwengeza leli nxele.
Indlela adlale kahle ngayo lo mdlali odabuka eTembisa imvulele nesango lokungena kwiBafana Bafana.
Ufike nakhona wachaza umqeqeshi uHugi Broos ngendlela yokuthi waze wathi umbona kunguye ozovala isikhala sikaThemba Zwane eqenjini lakhe.
OLUNYE UDABA: U-Kerr uthi ‘zinkoqoba’ abeDowns, ngeke besalunga phesheya
Nokho ubengakalitholi kahle ithuba lokuzibonakalisa kuleli qembu njengoba esabizwe kabili nje kuphela kulona.