Ezintsha

‘Siqoliwe,’ kubabaza uTim Sukazi ngesigwebo seGalaxy

Ikilabhu kaTim Sukazi igwetshwe ngokuthi ivinjelwe ukusayina abadlali kulamawindi amathathu alandelayo. 

Lezi zindaba zokuthi iGalaxy ngeke ikwazi ukubhalisa abadlali kumawindi amathathu alandelayo zivele ngoMsombuluko ebusuku. 

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uKouassi ethathe ikilabhu wayifaka icala kwiFifa ngenxa yokwephulwa kwenkontileka yakhe. 

Lo mdlali oneminyaka engu-29 usayine kuleli qembu eligijima kwiDStv Premiership ngoMasingana ka-2023. 

Kodwa waze wahamba ngoNcwaba wonyaka ofanayo engadlalanga nowodwa umdlalo osemthethweni.

“Besidinga umgadli futhi simhlonze njengokufanele,” kusho uTim Sukazi kwiSABC Sport. 

“Nokho asikwazanga ukumbhalisa ngoba asizange siyithole imvume emngunyaza ukudlala kuleli ngaphambi kokuvalwa kwewindi.”

Inkontileka yayincike ezimweni ezimbili: ukuthola imvume yokusebenza nokuthola imvume yamazwe ngamazwe. 

“Ngibona sengathi siqoliwe, kodwa sizoyikhokha imali ukuze sisayine abadlali,” kwengeza uSukazi.

I-Fifa inqume ukuthi ikilabhu ikweleta uKouassi imali elinganiselwa ku-R1.8 million, kanti unswinyo luzosuswa kuphela uma seyikhokhiwe.

“Anginaso isiqiniseko sokuthi besibhekene nani lapha,” kwengeza lesi sikhulu. 

“Abanye abadlali babonakala benza umsebenzi wabo ngalezi zimo, bese beyisa amakilabhu kwiFifa belindele imiphumela emihle.”

Udalule ukuthi iqembu lisebenzise u-R40 000 ukuthola imvume yokusebenza kukaKouassi, ngethemba lokuqinisa isikwati somqeqeshi uSead Ramovic esiwombeni sesibili sesizini ka-2022/23.

“Ngenkulu inhlonipho ngibona sengathi kuningi okungabhekwanga. 

“Saxhumana ngokusemandleni ethu, kodwa kwathi lapho umnqamulajuqu kaMasingana usudlulile, inkontileka ayizange isebenze. 

“Akazange abe nemvume youzodlala kuleli. Kodwa sizokhokha ukuze sisayine futhi sibhalise abadlali,” kuphetha uSukazi.