DStv PremiershipEzintsha

Sekuvimbe amathizethize ngo-Andile Jali nelisha

Bekunokuqagela okuningi ngekusasa lika-Andile Jali njengoba kuke kwavela ukuthi angase aliyeke ibhola elikhokhelayo.

Lokhu bekulandela isimo esingesihle ashiye ngaphansi kwaso kwiMoroka Swallows okuqale isizini edlala kuyo. 

Kodwa manje lo mdlali – oneminyaka engu-34 – usekuqinisekisile ukuthi usafuna ukuqhubeka nokudlala. 

Imenenja ka-Andile Jali, uMike Makaab wePro Sport International, isiveze ukuthi likhona iqembu abaxoxa nalo futhi sekusele amathizethize nje ukuthi baqede konke. 

“Engingakusho nje wukuthi sesiseduze kakhulu nokuthi simtholele ikhaya elisha,” kusho uMakaab kwiGagasi FM Sport.

“Ngeke ngilisho iqembu okwamanje. Kodwa ngingaqinisekisa ukuthi ezinsukwini eziyisikhombisa kuya kwezilishumi (kuzobe sekwaziwa). 

“Izingxoxo sesisezingeni eliphezulu kakhulu phakathi kwethu, u-AJ nekilabhu. Uzohlala kwiDStv Premiership. 

“Angizimisele ukuveza ukuthi yisiphi isifundazwe (leli qembu elizinze kuso). 

ILisenethini isingakuveza nokho ukuthi uJali ufunwa yiSekhukhune United naMaZulu FC futhi yiwo la maqembu abaxoxisana nawo.

Umthombo wethu ebesiwethembile kulolu daba uthe nawo awunaso isiqiniseko sokuthi yiliphi kulamaqembu elingamthola kuqala.  

UMakaab yena uncome ukuthi noma yiliphi iqembu elimtholayo lo mdlali wasesiswini, kuyobe lihlabene. 

“Wothi ngikutshele enye into ngo-AJ, uyakwazi ukuzimisela bese ebuyela esimweni esifanele ngokomzimba. 

“Noma ngabe yiliphi iqembu azolidlalela kule sizini, uzokwenza umehluko kulo. 

“U-AJ uqinile ngokomqondo, futhi ukhululekile nakozakwabo, anginendaba nokushiwo abanye ngaye. 

“Ngeke ngiwalibale amazwi kaManqoba (Mngqithi) ngesikhathi sihlangene naye noPitso Mosimane sikuluma ngo-AJ…

“Wathi, ‘uma izinto zibhimba, ufuna amasosha angenalo uvalo, ikakhulukazi emidlalweni yase-Afrika, indoda ongayethemba u-AJ’.

“Futhi namanje akakajiki kulento abeyiyo eminyakeni emibili noma emihlanu edlule. 

“Usinga lokufuna ukunqoba ngaso sonke isikhathi lusekhona kuye ngaphakathi.”