Ezintsha

Kuvela okuxosha uSiyanda Xulu kwi-SuperSport United

UXulu, oneminyaka engu-32, ujoyine i-SuperSport United ekuqaleni kwesizini, imsayine mahhala njengoba ebengenaqembu.  

Lokhu bekulandela ukuthi eshiye iqembu lase-Azerbaijan, iTuran Tovuz IK. 

Uphinde waba namasizini amabili e-Israel la abeedlalla khona kwiHapoel Tel Aviv.

UXulu, owake wadlala kwiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, ubekhona kwiBafana Bafana ngesikhathi idlala kwi-Africa Cup of Nations ka-2023.

Ube ngomunhye wabadlale kahle futhi basiza leli qembu likaHugo Broos ukubya nendondo yethusi. 

Udlale imidlalo emithathu, okuhlanganisa nomdlalo owandulela owamanqamu. 

Kodwa-ke, umsebenzi wakhe kwi-SuperSport United awuhambanga ngendlela abefisa ngayo njengoba ebelizwa ngendaba ijezi emzuliswaneni wesibili weDStv Premiership. 

Udlale imidlalo engu-16 nje kuphela isizini yonke, kanti isikhathi asitholile sokudlala sibe sincane kakhulu ngemuva kwe-Afcon. 

Lo mdlali owayengumdlali wasemuva kwiMaritzburg United uqale imidlalo engu-10 kwengu-16 kuyona yonke imiqhudelwano. 

Ngokubika kwe-iDiski Times, uyena uXulu ozicelelile ukukhululwa kuleli qembu likaGavin Hunt ngoba efuna ukuya la ezodlala khona njalo. 

Ngenxa yamava anawo, akufanele ukuthi uXulu uzothatha isikhathi eside ukuthola elinye iqembu azodlala kulo ngesizini ezayo.

Ungomunye wabadlali uHugo Broos abathembe kakhulu kwiBafana, aze ababize noma bengadlali njalo emaqenjini abo.