Kulenga izembe esikhulwini seSafa ‘eseyisayo’
– Sibongiseni Gumbi
Kunesikhulu seSafa esingase siphelelwe wumsebenzi emasontweni ambalwa ezayo uma kutholakala ukuthi nebala sinecala.
Kumanje lesi sikhulu seSafa sibhekene nokuqondiswa kobugwegwe kwangaphakathi kulandela izigameko ezimbalwa zokuziphathisa okwesixhwanguxhwangu.
Kubikwa ukuthi uWalter Steenbok, ophethe ezokuqeqesha kule nhlangano eyengamele ibhola kuleli, unokuzipha ngendlela engemukelekile.
Yikho ke lokho osekuqhathe lesi sikhulu seSafa nabaphathi bale nhlangano okungenzeka isichithe maduze.
ISportsWire ibika ukuthi uSteenbok uzovela ekomidini eliqondisa ubugwegwe ngoLwesibili, la angase axoshwe khona.
Amacala asola ngawo kukhona awokuzithathela izinqumo ezinqala ngayedwana, awokungahloniphi ozakwabo nokubathuka.
Kuthiwa ngoMasingana walo nyaka waxabana nesikhulu esisekomidini elengamele le nhlangano, uDavid Molantwa, wagcina esembiza phansi kweziketi zikanina.
Uphinde waxabana nozakwabo uSimphiwe Dludlu noRomaney Pinnock ababhekelele ibhola lamantombazane kule nhlangano.
Kubikwa ukuthi kwathi kumele uPinnock ethule umbiko wakhe ngeHollywoodbets Super League emaqenjini, uSteenbok wamphuca wona, wathi uzozenzela yena.
Wabe esebiza abaqaphi ukuba bazokhipha lona wesifazane kuleli gumbi okwakuhlangannyelwe kulo ukuze kusale yena.
“Lo muntu kunzima ukusebenza naye,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiSpoertsWire.
“Kodwa njengoba nesisho (sesiNgisi) sisho nje, uma uphila nokugwaza abanye, nawe ufa ngokugwazwa
“Ngifisa ukuthi atholwe enecala bese eyaxoshwa,” kuqhuba lo mthombo.
OLUNYE UDABA: Sekuvimbe amathizethize ngo-Andile Jali nelisha
AbeSafa bona benqabile ukuphawula, bathi abazixoxi nabezindaba izindaba zangaphakathi enhlanganweni.