IKaizer Chiefs iqinisa ngephini lomqeqeshi elinamava
– Intatheli yeLisenethini
Sekuvele ukuthi iKaizer Chiefs izomemezela umqeqeshi odabuka eFrance, uFernando Da Cruz njengelungu lethimba labaqeqeshi.
Akukhona okokuqala lo mqeqeshi oke wasebenza kwi-AS FAR Rabat eMorocco emataniswa neKaizer Chiefs.
U-Da Cruz, onobuzwe baseFrance nasePortugal, futhi oneminyaka engu-51 uke waxoxisana nalezi zinkunzi zaseSoweto ngokuzovala isikhala sika-Arthur Zwane ngonyaka odlule.
Kulindeleke ukuthi uDa Cruz atheleke kuleli sonto eGoli ukuze aqale izinhlelo zomqeqeshi ozofika ngokuhamba kwesikhathi uNasreddine Nabi.
Laba bobabili abakaze basebenze ndawonye ngaphambili, kodwa kukholakala ukuthi uNabi ugcizelele ukuthi uDa Cruz abe yingxenye yethimba lakhe.
Ngokubika kweSABC Sport, uNabi uchazwe wumsebeni kaDa Cruz awenze kwi-AS FAR Rabat ngasekuqaleni kwesizini ka-2023/24.
Umqeqeshi ohamba kahle, uDa Cruz ufike nesipiliyoni esikhulu njengoba abanye ezinhlakeni zebhola bethi nguyena obenze bawine isicoco seBotola Pro League yize abashiye ngaphambi kokuthi umkhankaso usongwe.
Kuvela lokhu nje kulindeleke ukuthi iKaizer Chiefs yethule umqeqeshi wayo omusha ngesonto elizayo.
Kuthiwa leli qembu lisavalile njengamanje emahhovisi yize umsebenzi uqhubeka.
Kodwa abasebenzi bazobuyela ngokugcwele ehhovisi ngoLwesine, bese kuthi ngoLwesihlanu kwenziwe izimemezelo ngabadlali.
BUKA: Bafike ngendiza enkundleni, baphela yinduku
Lapho ke kuzobe sekuvela amagama abadlali abahambayo kuleli qembu, bese kwethulwa nabasha uma sebekhona abasayiniwe.