I-Pirates inyuse unozinti wenkulisa ukuvala esikaMpontshane
Isinqume ukungayi emakethe, kodwa yenyuse unozinti obesenkulisa yayo i-Orlando Pirates ededele ababili abanamava.
I-Pirates ifuna unozinti nje kulandela ukudedela kwayo oRichard Ofori noSiyabonga Mpontshane ngesonto elidlule.
Lokhu bekulandela ukuthi labo nozinti bengasekho izinhlelweni zomqeqeshi uJose Riveiro futhi bengabanga nesikhathi sokudlala kulamasizini amabili edlule.
Manje lokhu kushiye i-Orlando Pirates nenselelo yokuthola omunye unozinti, noma onozinti abazovala izikhala zalaba.
Ivele ke ime kahle iBucs kule ndawo njengoba inoSipho Chaine noMelusi Buthelezi abangonozinti abahle kakhulu.
Manje sekuvele ukuthi seyilande uSiyabonga Dladla obekwinkulisa yayo, iPele Pele FC okuyiqembu elidlala kwi-ABC Motsepe League eGauteng.
Ubebuye abonakale naseqenjini leDStv Diski Challenge kanti ubezicija naneqembu elikhulu okuyilapho echaze khona ithimba labaqeqeshi.
Manje usesayiniswe inkontileka eqenjini elikhulu la ezoncintisana khona ngejezi noChaine noButhelezi.
Kule sizini esongwayo bekubusa uChaine ube ngomunye bonozinti abenze kahle kakhulu, ikakhulukazi emidlalweni yomkhumulajezi.
Ngaphezu kukaDladla, kulindeleke leli qembu libuyise noSiphamandla Gumede ebelimbolekise kwi-Orbit College edlala kwiMotsepe Foundation Championship.
OLUNYE UDABA:Â Uveza okwenze acelele uMofokeng ijezi kwiBafana
IPirates iyabadinga onozinti abaningi njengoba izodlala nakwiCaf Chmapions League ngesizini ezayo, okulindele iye kude nayo.