Uvuma izinselelo obedlala okokuqala kwikaizer Chiefs
– Intatheli yeLisenethini
Umgadli weKaizer Chiefs, uRanga Chivaviro usevumile ukuthi akuhambanga ngendlela abefisa ngayo kwisizini yakhe yokuqala.
URanga Chivaviro ufike kwiKaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini futhi bekubhekwe lukhulu kuye njengoba ebebe nesizini enhle kwiMarumo Gallants.
Ubeshaye amagoli angu-16 kuyo yonke imiqhudelwano futhi waphenduka inyama emaqenjini eDStv Premiership kulandela ukudliwa yizembe kweGallants.
Empeleni nje iChiefs yamthola kade imbanga neRichards Bay FC, eyayifunga igomela ukuthi imsayine kuqala.
Nokho indaba yakhe yagcina ihlalelwa osihlalo bawo womabili lamaqembu, yabe seyixazululeka futhi waphelela eNaturena.
Ekhuluma nabe-iDiski Times kuleli sonto, uChivaviro uthe ubhekane nezinselelo ezenze wanziima umsebenzi wakhe kwiKaizer Chiefs.
“Ngibhekane nenqwana yezinselelo ebezibhekene nami ngqo.
“Ngikholwa wukuthi yize bekunezinselelo, kodwa bengingenza kangcono.
“Kodwa ngingumuntu owuhloniphayo umsebenzi, ngakho ngiyazi ukuthi izinto ezinjena ziyenzeka.
“Ngihlezi ngibheke ukwenza kangcono ngakusasa, ngenza okusemandleni namuhla, ngethemba lokuthi kuzokwanela.
“Ngikholwa wukuthi ngingaba ngcono, futhi ngizoba ngcono kule sizini ezayo,” kusho uChivaviro.
Lo mgadli, onomama wakuleli, nobaba waseZimbabwe, walimala ejimini ngesikhathi iChiefs ilungiselela isizini.
OLUNYE UDABA: Elinye le-PSL seligaxele ogibeni lwesigwebo seFifa
Lokhu kwambambezela, waze wabuyela eqenjini isikhathi sesihambile futhi sebekhona abadlali abaqeqeshi abathembele kubo.